Ukhathele ukuqolwa yibhange?

Arthur Greene

Ngabe kukhona okuthukuthelisa ukudlula inkinga yemali ibhange lakho elingeke likwazi ukuyixazulula?

Kwividiyo esabalale kuleli sonto, owesilisa wase-Warri, e-Nigeria akakholwanga ngokwenzeke ebhange.

Lo mlisa ube esebhikisha efuna isamba esingu-N300,000 (izi-R10,000) esikhishwe ngokungekho emthethweni kwi-akhawunti yakhe.

“Ngiyawuzonda umbhedo,” kumemeza le ndoda, njengoba izisebenzi zasebhange bezimtshela kaningi ukuthi ngeke zikwazi ukumsiza.

Le ndoda ekhathazekile imemeze izisebenzi zasebhange ibatshela ukuthi njengoba intshontshelwe imali, kusho ukuthi ngeke isakwazi ukuhambisa izingane zayo esikoleni.

Kulesi siqeshana, esicishe sibe yimizuzu emibili ubude, indoda ethukuthele iqala ukumemeza ngaphambi kokukhumula zonke izimpahla zayo.

Onogada baleli bhange bazama ukudambisa lesi simo kodwa le ndoda ayizange yehlise umoya.

Izihloko zakamuva