UCarl Nassib uphumele obala ngokuthi uyisitabane

Dylan Bettencourt

UCarl Nassib ube ngumdlali wokuqala odlalela i-National Football League (NFL) ukuveza obala ukuthi uyisitabane

Ku-Instagram video efakwe nguNassib umdlali wasemuva kwiLas Vegas Raiders, uphumele obala ngokuthi uyisitabane : “Bengifuna ukuthatha umzuzwana osheshayo ukusho ukuthi ngiyisitabane.”

Uthe yinto abekade efuna ukuyenza isikhathi eside futhi ekugcineni uzizwe ekhululekile ngokutshela umhlaba. Uthe uyayibonga impilo ayiphilayo, futhi unabangani nomndeni omkhulu njengoba enza lo msebenzi awuthandayo.

Abadlali abaningana abake baba ngabadlali be-NFL esikhathini esedlule, babeveza ukuthi bayizitabane ngemuva kokuthatha umhlalaphansi njengabadlali.

Lesi simemezelo siza ngesikhathi seNyanga Yokuziqhenya ye-LGBTQ+ kodwa uNassib ubefuna ukubeka kucace ukuthi ubengenzi isimemezelo ukuze sinakwe.

“Ngingumuntu ozenzela okwakhe yedwa futhi ngizimele. Ngicabanga nje ukuthi ukumelwa nokubonakala kubaluleke kakhulu,” kusho yena.

Ngokuhambisana nesimemezelo, uNassib uthembise izigidi ezingu-R1.4 kwi-The Trevor Project, inhlangano engenzi nzuzo okuhloswe ngayo ukungenelela kanye nezinsizakalo zokuvimbela ukuzibulala zentsha ye-LGBTQ+.

URoger Goodell, uKhomishani we-NFL, uzwakalise ukujabula ngesimemezelo sikaNassib, wathi, “Umndeni we-NFL uyaziqhenya ngoCarl ngokuphumela obala ngeqiniso lakhe nangesibindi namuhla.”

Uthe ukumelwa kulo mdlalo kubaluleke kakhulu futhi unethemba lokuthi esikhathini esizayo esiseduze indaba efana nekaNassib ngeke ibe sezindabeni futhi iphenduke iqiniso lansuku zonke kubadlali nasemhlabeni ngokufanayo.

Umthombo wesithombe: @People

Izihloko zakamuva