UBranden Grace uwina isicoco segalofu ngemuva kokwedlula emhlabeni kukababa wakhe

Timmy T Maranda

UBranden Grace okhathazekile unikele ngesiqu sakhe se-PGA Tour Puerto Rico Open kubaba wakhe ongasekho owanqotshwa yizinkinga ze-Covid-19 ekuqaleni kwalonyaka.

Lo mdlali wegalofu waseNingizimu Afrika, oneminyaka engama-32, uqedele i-eagle-birdie ukuqeda enqoba ngokushaya kanye ukuze athole le mpumelelo ngeSonto e-Grand Reserve Country Club.

UGrace useyinqoba okwesibili i-PGA Tour kanye okuyimpumelelo yokuqala ngemuva kwe -RBC Heritage Tournament yowezi-2016 e-Canada. Enqoba isicoco sakamuva ubese-SA Open ngonyaka owedlule e-Randpark Golf Club eGoli.

UBrandon wahlolwa watholakala enaleli gciwane ngoNcwaba ngonyaka odlule ngenkathi ekwi-Barracuda Championship. ngoMasingana kulo nyaka ulahlekelwe ngubaba wakhe, uSteve Grace.

UBranden uthe ukulahlekelwa ubaba kumenze wabheka impilo ngokwehlukile.

“Ikhehla lami ledlule emhlabeni kungekudala futhi angikaze ngizizwe ngikahle,” kusho uBranden kwi-SAFM Sport On noThabiso Mosia.

“Ngadlalela ubaba wami. Ngiyabonga ngalokho angenzele khona. Wangifundisa ukudlala ngonya. Njalo uma ngidlala, ngisuke ngenzela yena,” kusho uBranden.

Lo mdlali weGalofu waseNingizimu Afrika uthe manje ufuna ukukhuphula izinga futhi adlale igalofu elingcono.

Umthombo wesithombe: @BrandenGrace

Izihloko zakamuva