Uboshelwe ukuqamba amanga ngokushona kwakhe 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Yena nomkakhe uLerato Mahlangu osebenzela inkampani yomasingcwabisane yibona abasolwa abakhulu ekufeni kowesilisa owayesebhokisini: uSibusiso Sithebe.

Laba abashadile bavele eNkantolo yeMantshi yase-Soshanguve ngoLwesine ngecala lokubulala kanye nelokwephula umthetho. Basolwa ngokuhlomula ngomgunyathi ekukhokhweni komshwalense wempilo obiza izigidi zamarandi.

Umngcwabo kaMahlangu wenziwa e-Tshwane ezinsukwini eziyisishiyagalombili ngemuva kokushona kwakhe mhla ziyisishiyagalolunye kuMasingana. Abangani bakhe abaningi nomndeni bafika bezokhalela ukushona kwakhe – futhi bebengazi ukuthi uSithebe obulewe obebekwa endlini yakhe yokugcina.

Futhi babengazi ukuthi uMahlangu ubesaphila ehamba phakathi kwalabo ababelusizi ngokushona kwakhe. I-Scrolla.Afrika siyaqonda ukuthi ubegqoke isigqoko, izibuko zelanga enentshebe yomfakela. Akekho obenemibuzo ngokuba khona kwalesi sihambi esingaqondakali.

Khonamanjalo, umndeni kaSibusiso Sithebe ubusubikele amaphoyisa ngokuduka kwakhe.

Ngemuva kokuthi kuphele isikhathi esingangonyaka umthetho uye wabamba uSibusiso ophilayo. Uboshwe ngomhlaka-26 kuMbasa eshayela i-VW Polo okubikwa ukuthi yebiwe e-Witbank, eMpumalanga.

Kuye bathole umazisi kaSibusiso Sithebe olahlekile.

Ngesikhathi amaphoyisa ezama ukuthatha izithupha zakhe athole ukuthi ngezomuntu oshonile kwavulwa icala.

Ubekwe icala lokubulala kanye nokwephula umthetho.

Ngemuva kokuboshwa kwakhe kuvele enye into exakile endabeni yabo: uLerato Mahlangu nomufi uSibusiso Sithebe bake bathandana futhi banengane ndawonye.

ULerato wahlukana uSibusiso Sithebe ngemuva kwesikhashana wathandana noSibusiso Mahlangu. Ngesikhathi laba ababili beshada uSithebe waqhubeka – wathandana nomunye wesifazane okuthiwa uLerato.

USithebe waqhubeka nokuthandana noLerato Mphefo ababenezingane ezimbili naye ngesikhathi eshona.

Kodwa-ke, uLerato Mphefo nezingane zakhe abazange bahlomule kulo mshwalense ngoba wangcwatshwa njengoMahlangu futhi kuthiwa uLerato Mahlangu wadla izigidi zamarandi ngemuva kokufuna umshwalense owathathelwa umyeni wakhe.

USibusiso Mahlangu noLerato Mphefu babhekene necala lokuhlomula ngokushona kukaSithebe – kodwa baphumelele kanjani ukubalekela umthetho isikhathi eside kangaka?

Esithombeni esingenhla: Umngcwabo mbumbulu kaSibusiso Mahlangu ohlezi ndawana thize kuleli gumbi.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe umndeni

Izihloko zakamuva