U-Eskom usayinkampani ehamba phambili phezu kwamabatha onawo

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli Wezepolitiki

Umphumela wokhetho lwango-2024 uzonqunywa yinoma yiliphi iqembu elikhankasa kangcono ngodaba luka-Eskom kubavoti.

Okokuqala u-Eskom uyinkampani enempumelelo enkulu ngokusabalalisa ugesi kubantu abangaphezu kuka-90%.

Okwesibili usebenzisa iziteshi zikagesi eziqhutshwa ngamalahle futhi nesezindala. 

Izindleko zezwe zingaphezu kuka-R300-billion ngonyaka nezigidi zemisebenzi engatholakali ngenxa yokuntengantenga komnotho.

Amaqembu aphikisayo ahlulekile ukufundisa isizwe ngendlela efanele mayelana nokulindela amazinga aphezulu kuhulumeni.

Ngakho-ke, iningi labavoti aliqondi ukuthi kufanele lenze kanjani ukuze uhulumeni aziphendulele.

Futhi ezindaweni zomachaphuna kusale, izingxoxo mayelana nenkinga kagesi esibhekene nayo bagcwele inzondo ngohulumeni wabantu abamnyama  bagxeka u-Eskom.

Kuyaqondakala kulabo abajwayele ukuthola ugesi, nakuba izigidi zezakhamuzi zingenawo.

Ngakolunye uhlangothi, ngeke ulindele ukuthi abantu abasanda kuthola ugesi kwa-Eskom cishe mahhala, bazongena emgwaqeni noma ba-toyi-toyi ngokumelene nenkampani kagesi.

Amahora amabili noma amathathu okucishwa kukagesi akuyona into enkulu kubantu abachithe iminyaka eyikhulu edlule bengenawo ugesi.

Esigodini sakithi KwaBhaca e-Eastern Cape, amaloli akwa-Eskom yiwona kuphela izimoto zombuso ezifikayo uma zibizelwa amaphutha amancane.

Ayingeni ngisho i-ambulensi uma ibizwa ngabantu basemakhaya. Abantu bayashona futhi akukho ukuxolisa okuvela kuhulumeni.

Kodwa kunoma yikuphi ukuphazamiseka okuncane – ngisho noma kuthinta ikhaya elilodwa kuphela – iloli lakwa-Eskom liyafika  nabasebenzi abazosebenza ubusuku bonke uma kunesidingo.

Abantu abampofu bayaye banikeze abasebenzi bakwa-Eskom amahewu noma umbila uma bebabona besebenza elangeni elishisayo.

Njengoba bazi ukuthi awujikiswa umusa ongaka, abasebenzi bakwa-Eskom bayaye babonge ngomusa.

Ngakho-ke, ubudlelwano buka-Eskom nabantu basemadolobheni adonsa kanzima  buhluke ngokuphelele othandweni abaluthola ezindaweni zasemakhaya.

Futhi uma uMengameli uCyril Ramaphosa engatshela abavoti abamnyama ukuthi izwe selinogesi “ngoba siwuthumele kinina bantu bakithi” ababenganakiwe ngaphambilini, ungalindela izigidi ukuba zimkholwe.

Esithombeni esingenhla: Naphezu kokucisha kukagesi, ezigidini zabantu abebengenawo ugesi, u-Eskom uwusizo.

 Umthombo: Eskom

Izihloko zakamuva