Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Sikhulu isililo eNdlunkulu kaZulu ngokukhothama kweNkosi yesizwe sabaNgoni yaseZambia neyisizukulwane seNkosi uZwangendaba kaHlatshwayo owabalekela iLembe kuleli wayobhaca enhla ne-Afrika.
Inkosi uMphezeni IV wabeNgoni eZambia, ukhothame ngempelasonto ngemuva kokudunguzela isikhathi eside.
Ukuxinwa kwakhe isimo sempilo kuphoqe nokuthi uHulumeni waseZambia amphuthumise esibhedlela sase-India nalapho afike wakhombisa izimpawu zokulilama.
UMntwana uThulani waseZibindini uthe iNgonyama uMisuzulu kaZwelithini ikhungathekile ngokwehlele isizwe sabeNgoni ngokukhothama kweNkosi uMphezeni IV.
“INgonyama inisinethemba lokuthi iNkosi uMphezeni IV isiyowuphonsa umbalane ngemumva lokukhombisa ukwelulama ngesikhathi iphuma e-India nobekuyilapho ibilashwa esibhedlela sakhona. Kodwa INgonyama ishaqekile ukuthi ithole izindaba zokuthi uMphezeni wesine usekhotheme. Impela iNdlulamithi idlulisa amazwi enduduzo egameni lesizwe sonkana sikaZulu neNdlunkulu yonke ngokwehlele abeNgoni nomndeni,” kusho uMntwana uThulani.
Eqhuba uthe iNkosi uMphezeni IV ibiyeseka kakhulu iNdlunkulu kaZulu neSilo esibusayo njengoba yayikhona nangesikhathi iNdlulamithi ingena esibayeni kwaKhangela Amankengana,kwaNongoma.
Inkosi uMphezeni IV ungene esihlalweni ngonyaka ka-1982 ngemuva kokukhothama kweNkosi emzalayo.
Selokhu angena esihlalweni ubenconywa ngokuqhakambisa umkhankaso wokubuyisana phakathi kwesizukulwane sikaZwangendaba neLembe okunguShaka kaSenzangakhona owenza babaleka bayophelela koTanzania nakoMozambique naseZambia.
UMntwana uThulani uthe okwamanje imininingwane yokutshala iNkosi uMphezeni ebisineminyaka engu-75 ibingakaphothulwa njengoba bezozwa ngobukhosi babeNgoni ngazo zonke izinhlelo.
