Seluze lwafika emaphethelweni uphenyo lendoda ebizwa ngeSilwane saseTembisa

Everson Luhanga

Uphenyo lwezinyanga obelenziwa umseshi kanye neqembu labammeli abaseqopheleni eliphezulu selize lafika emaphethelweni ngoMsombuluko njengoba uGift Mkhwanazi egwetshwe odilikajele abayi-12 neminyaka engama-300 ebhadla ejele.

Ummeli u-Adele De Klerk oyisiphathimandla sezokushushisa sikazwelonke (i-NPA) nomseshi usayitsheni uLesford Mangwale baphumelele kwinhloso yabo yokususa umdlwenguli waseNingizimu-Africa oyingozi emphakathini.

UMkhwanazi odumile ezinkundleni zokuxhumana ngokubizwa ngombulali ononya eTembisa wabekwa amacala okudlwengula nokuhlasela abesifazane abayi-18, kodwa kwaphinde kwavela amanye amacala ayi-15 okusolwa ukuthi uyabandakanyeka kuwona.

UDe Klerk utshele i-Scrolla.Africa ukuthi abashushisi yibona abaphethe umnyango womthetho ophathelene nobugebengu.

“Simele umphakathi ekulweni nobugebengu nokutholwa kobulungiswa” kusho uDe Klerk.

Uthe enye inselela ababhekane nayo ecaleni likaMkhwanazi ukuthi amanye amacala abantu abadlwengula enzeka ngonyaka wezi-2013 futhi laba abahlukumeza base belahle ithemba lokuthi bayoke bathole ubulungiswa.

Umdlwenguli waboshwa ngemuva kokufika kwalaba abahlukumeza ababili abahamba bayokhombisa amaphoyisa ukuba ubahlasele kuphi uMkhwanazi, futhi ulibofuzo lomsolwa latholakala endaweni yesigameko.

Baphinde bamthola ngomakhalekhukhwini womunye abahlukumeza.

UDe Klerk uthe kubo bonke abahlukunyezwa nguMkhwanazi abesifazane abangama-33 bayi-18 kuphela abakwazi ukuvela phambi kwejaji nokusetshenziswa okwakuhlukene.

Kwakusobala ukuthi izisulu zazihlukumezekile kakhulu abanye abakwazanga ukubhekana nalomenzi wobubi enkantolo.

Umseshi usayitsheni uMangwale uthe icala elika nje beliwumqansa futhi belingelula ukuba balihlanganise nomsolwa.

Umkhwanazi ubanjwe ngemuva kokuba kutholakale umakhalekhukhwini womunye owahlukunyezwa nguyena kwizimpahla zabangani bakhe.

“Ngijabulile kakhulu ngemuva kophenyo lweminyaka emibili, sesize sakwazi ukumvalela ejele futhi uzohlala khona impilo yakhe yonke’ kusho uMangwale.

“Ngisebenze kanzima ukuthola izisulu ukuba zizothula ubufakazi ngento eyenziwa uMkhwanazi kubo”.

Umseshi uphinde wathi okubafakele inselelo kakhulu ukuhola uphenyo besebenzisa ubufakazi bolibofuzo, ngoba akekho noyedwa oyisisulu owayengakwazi ukusichazela ngomsolwa.

“Bengilokhu ngilandelela ingxoxo esibe nayo nososayensi abasebenze bengalali ukuzama ukuqhathanisa ulibofuzo” kusho umseshi.

“Ulibofuzo olwatholakala olwenza umsolwa abandakanyeke ekudlwengulweni kwabesifazane lube usizo kakhulu ngoba lenze leli cala laphumelela kusho umseshi uMangwale.

Izihloko zakamuva