Lubhalwe nguZukile Majova
Sekunezinyanga kukhalwa ngendlela uhulumeni waseGauteng adedela ngayo ithimba labaqaphi bobugebengu emigwaqeni ngaphandle kokuqeqeshwa ngendlela efanele.
Abanye babaqaphi bobugebengu abangu-6,000 Amapanyaza abagunyazwe ngumsunguli wabo uNdunankulu waseGauteng uPanyaza Lesufi, bahlome ngezibhamu ezinkulu ezizishintshayo.
Lolu phiko oluxhaswe kakhulu luhamba ngezimoto zikanokusho ama-BMW 3-series kanye nezindiza ezinophephela emhlane kodwa alukakabi nomthelela ekwehliseni ubugebengu esifundazweni.
Bagxekwe ngokuba nezivimbamgwaqo nokubheka izimo zezimoto emgwaqeni ngaphandle kokuqeqeshwa ngendlela efanele.
Umphakathi ukhala nangendlela Amapanyaza avele ajutshwa ngayo eziteshini zamaphoyisa zasemalokishini okuyiwona abhekelela kakhulu ukwenza izigxivizo.
Konke lokhu yize bengewona ama-commissioners of oath njengokusho komthetho.
NgokoMthethosisekelo, izwe linophiko lwamaphoyisa olulodwa futhi izikhungo zokulwa nobugebengu ezisungulwe ngaphansi kwamandla ezifundazwe azikwazi ukwenza imisebenzi ye-SAPS.
ULesufi ubelokhu ebuzwa imibuzo ngokuthi baqashwe kanjani abaqaphi, baqeqeshwa kanjani futhi ngobani.
Lolu hlelo luphinde lwasusa umsindo phakathi kukaLesufi noNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele owathi amaphoyisa akwaSAPS ngeke akwazi ukusebenzisana nama-Amapanyaza ngoba abunjwa ngaphandle kwemithetho edingekayo eshicilelwe kugazethi kahulumeni.
Lolu phiko belusebenza ngaphandle kwemithetho efanele futhi lukhokhelwa kusetshenziswa imali yomphakathi.
ULesufi uzidonsele amanzi ngomsele ngesikhathi etshela abaqaphi bobugebengu ukuthi badubule uma isitha sibadubula
“Sesiqedile ukuqeqesha labo asebekulungele ukuphatha izibhamu. Sesikulungele ukunidedela izibhamu ukuze nikwazi ukudubula uma isitha sinidubula,” kusho uLesufi.
“Nizoqeqeshwa nsuku zonke, nyanga zonke, minyaka yonke ukuze labo abacabanga ukuthi sisheshile ukunidedela emigwaqweni bezosala bebambe ongezansi.”
Njengamanje uLesufi usethole amasosha ukuze ezoqeqesha abaqaphi abazojutshwa ukulwa nobugebengu esifundazweni.
Emsebenzini wakhe oqhubekayo wokuqasha abantu abasha, uLesufi ukhiphe izincwadi zokuqashwa kwentsha ebalelwa ku-32 000 ezindaweni ezahlukene kuhulumeni wesifundazwe.
Njengoba sekusele izinyanga ezimbalwa kube nokhetho, uLesufi uzokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi i-ANC iyasinqoba isifundazwe ngemuva kokwehluleka ukuthola omasipala abaningi eGoli, Ekurhuleni naseTshwane ngokhetho lomasipala lwango-2021.
Amandla e-ANC esifundazweni alokhu encipha kusukela yawunqoba ngo-68,74% ngo-2004 yafinyelela ku-53,20% okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe luka-2019.
Isithombe esingenhla: Amapanyaza.
Umthombo wesithombe: X
