Owesilisa ushiswe umphakathi ngemuva kokubulala umuntu 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Ukuzijabulisa ngemuva komngcwabo okubizwa nge-After Tears kuphele kabuhlungu ngesikhathi ingxabano phakathi kwamadoda amabili iphethe ngokuthi kumele kube khona  oshonayo endaweni yase-Tembisa, e-Phomolong ngoMgqibelo.

Ngemuva kokungcwaba uMnu Smandla Henry Mazibuko (43) oshone ngoLwesibili, abantu abebezilile bagoduke beyokwenza umgubho wempilo yakhe kanti bakwenze lokho ngokuphuza nangokudansa.

Kodwa izinto zivele zashuba ngemuva kokuxabana kwabesilisa ababili.

Ngesikhathi kuqhubeka ingxabano ephethe ngokuthi kube khona oshonayo, owesibili  osolwa ngokudubula ushisiwe kanti kumanje usesibhedlela ugadwe ngamaphoyisa futhi ubhekene namacala okubulala.

Umndeni kaMazibuko obucabanga ukuthi uzovalelisa okokugcina usale ungawuvali umlomo ngenxa yesigameko esinyantisa igazi.

I-Scrolla.Africa sikhulume nodadewabo kaSpamandla, uSthabile Manyathi obehambele umgubho wokuzijabulisa ngemuva kokungcwaba umfowabo.

“Bengingaphakathi endlini ngihleli esipontshini,” kusho yena.

“Angazi ukuthi impi yabo iqalephi, kodwa engikuzwe ngisendlini kube umsindo wokuqhuma kwesibhamu kanye nokukhala kwabantu.

“Sithuke sonke endlini saphuma sayobheka ukuthi kwenzakalani safika abantu bechwaza emnyango abanye bethukile kuyisiphithiphithi.

“Owesilisa ohlala emgwaqeni owodwa nowethu obeze ukuzongcwaba umfowethu ubedindilize kugcwele negazi phansi kwazise udutshulwe amahlandla amathathu.”

Ngesikhathi esazama ukuqonda ukuthi kwenzekeni iqulu labantu elihlangene nezakhamuzi endaweni zijahe umsolwa odubulile.

“Bamubambile, bamshaya baqede bamuthela ngopharafini bamthungela ngomlilo kanti bebejabula bememeza ngesikhathi lo wesilisa engqongiswa umlilo.

Zishe zonke izingubo abezigqokile.

Kuthe ngesikhathi lo wesilisa obevutha ebona iveni yamaphoyisa uye ephuthuma wazivulela izicabha futhi wacela amaphoyisa ukuthi asuke nayo ngokushesha phambi kwezakhamuzi. 

“Ngesikhathi egxumela evenini yamaphoyisa, ubengagqokile futhi eshe kakhulu.”

Amaphoyisa amphuthumise esibhedlela sase-Tembisa. Abantu abavakashele lo wesilisa esibhedlela batshele i-Scrolla.Africa ukuthi kuzomthatha isikhathi ukuthi alulame.

Okhulumela isiteshi samaphoyisa e-Rabie Ridge, uSayitsheni Jacob Nhlongo usiqinisekisile lesi sigameko wathi umsolwa ubhekene necala lokubulala.

Esithombeni esingenhla: Izingubo ezishisiwe zosolwa ngokubulala

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva