Owesilisa usebenzisa imali yakhe yesibonelelo sokukhubazeka ukondla umndeni wakhe

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

UMbulelo Nkayi, (43) ubehola u-R300 ngosuku njengomakhi kodwa manje usephila ngo-R2,310 nyanga zonke ngemuva kokunqunywa umlenze kulandela ukuwa.

Umndeni wakhe usebenzisa uvaseline owodwa, udla inyama ngosuku lokuhola kuphela, wayeka nokuvakashela umuzi wakubo ose-Eastern Cape ngoba akakwazi ukukhokhela u-R800 umuntu ngamunye.

UMbulelo Nkayi (43) waselokishini laseKhayelitsha eKapa, ​​wawa ophahleni ngo-2022, waphuka umlenze, wanqunywa ngokuhamba kwesikhathi. Manje unomlenze wokufakelwa.

Ubesebenza njengomakhi ehola u-R300 ngosuku.

“Impilo yami yashintsha ngemva kokunqunywa isitho, ngaqala ukuthola imali yesibonelelo sokukhubazeka manje engu-R2,310. Ngaphambi kokulimala ngangikwazi ukutholela umndeni wami konke, manje sekufanele sithenge izinto eziyisisekelo kuphela,” kusho uNkayi.

Unakekela umkakhe nezingane ezine, bonke bahlala ndawonye.

Ngale mali yesibonelelo sikahulumeni yabakhubazekile uthenga igilosa ngo-R1,700, ugesi ngo-R200, nemali yekhava yomngcwabo ngo-R90 ekhokhela wonke amalungu omndeni wakhe.

Bengijwayele ukuthenga izinto zokugcoba ezifana ne-body lotion, i-roll-on, i-spray ne-perfume. Angisakwazi ukukhokhela lezo zinto. Manje ngithenga ubhavu omkhulu kaVaseline wethu sonke. Uhlala inyanga njalo yiwona ongcono kakhulu,” kutsho uNkayi.

Ngokuthenga, uthenga ama-combo ahlanganisa irayisi, ushukela, impuphu namafutha okupheka. Ubuye athenge amaklabishi amane ngenyanga.

“Abantwana bami bayasizwisisa isimo sethu, okwamanje kasikwazi ukuthenga amaqanda, upholoni kumbe ama-cornflakes.

Abakuthengi nokudla okufakwe ethinini.

“Besijwayele ukuya emakhaya e-Eastern Cape njalo ngamaholidi esikole kodwa simile ngoba anginayo imali.

Sasijwayele ukugibela itekisi, ngaleso sikhathi kwakungu-R800 umuntu ngamunye. Kwesinye isikhathi besithenga amathikithi ebhasi ngeBlack Friday uma eshibhile,” usho kanje.

Bathengela izingane zabo izingubo kuphela ngoZibandlela.

Ubesebenzisa u-R6 000 ezimpahleni zikaKhisimusi kodwa manje usebheka izitolo ezisebenza ngezipesheli, uthenga ama-tight ngo-R50 namabhulukwe ngo-R60 wezingane zakhe.

“Ngisenalo ithemba lokuthi ngelinye ilanga ngizothola okungconywana ukuze ngisize ngale mali engiyitholayo.

Kukhona indawo yokugeza izimoto engisanda kuyiqala nabangani bami. Sizobona ukuthi kuhamba kanjani,” kusho uNkayi.
Naphezu kwakho konke, uhlala ebonga.

“Ngiyajabula ukuthi izingane zami ziyasiqonda isimo sami futhi aziceli izingubo ezibizayo. Bayajabula ukuthi sibatholele okusha,” kusho uNkayi.

Osesithombeni esingenhla: UMbulelo Nkayi unakekela amalunga omndeni wakhe amahlanu esebenzisa imali yesibonelelo sokukhubazeka.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva