Owengqephu uthi osaziwayo bageje umgodi begqoka ingqephu yokwelusa izinkomo zaseMelika kuDurban July

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Umsiki wengqephu waseMandeni KwaZulu-Natal osengungoti kule ndima,uthi osaxiwayo abaningi bageje umgodi ngeTheme yakulo nyaka ngoba bed idea igama layo.

UMnuz Mthunzi Mthembu weM-Shade uphawule kanje ngemumva komsindo ezinkundleni zokuxhumana lapho abantu bebebabaza ubuhlathi kuHollywoodbets Durban July yakulo nyaka, bekhala ngengqephu yabanye osaziwayo ukuthi ibingahambisani nhlobo nomongo wakulo nyaka.

ITheme yakulo nyaka ibithi Country Allure nokusho ukuziqhenya ngempilo yasemakhaya ephilwa kuleli kuhlaganisa nendlela yokugqoka.

Kodwa esikhundleni sokuba abantu bafike nemisiko ebakhumbuza imvelaphi yasemakhaya, abanye bavele batheleka enkundleni iGreyville,eThekwini, bedlubhe imihelane yabelusi bezinkomo zasemakhaya aseMelika.

“Inkinga ukuthi abantu abazange banake ngesikhathi abagqugquzeli bekhipha umyalelo wokuthi kugqokwa kanjani kulo nyaka. Kunalokho babone igama lithi Country,bavele bahlanya, bayolanda izigqoko zokwelusa izinkomo zaseMelika kanti ababoni ukuthi umbhalo uyaqhubeka nokuchaza ukuthi ingqephu yakulonyaka idlulisa muphi umyalezo,” kusho uMthembu.
UMthembu uthe useneminyaka engu-19 eyingxenye yeDurban July.

Okunye ngaye usebuye abeyiJaji kuSA Fashion Week ebaseKapa.
KuDurban July unqobe ngabakhangisi bakhe bengqephu ababili okunguNksz Sbonga Dladla waseMgungubdlovu noMntwana uWandile Ngobese waseNquthu.

UNksz Dladla uthe ithuba eliyingqayizivele leli abalitholile futhi yena akangasoze alikhohlwe lokukhangisa ingqephu kuHollywood Durban July.

UMntwana wakwaNgobese yena uthe okumvusele usinga nokufike enhlizweni yakhe esezibona ekhangisa kuHollywoodvets Durban July ukuthi iphupho lomuntu alifi umnikazi walo esaphila.
Uthe iTheme yakulo nyaka imthinte kakhulu njengoba engowasemakhaya eNquthu ngoba imenze wakhangisa ngengqephu emkhumbuza ekhaya.

Izihloko zakamuva