O-‘sugar daddy’ abasolwa ngokushushumbisa amantombazane asemancane ngokweminyaka

Arthur Greene

Usopolitiki waseMelika, uMnu uMatt Gaetz, osondelene kakhulu noDonald Trump, kuleli sonto eledlule uzibandakanye nehlazo elihlambalazayo locansi elibandakanya ukusolwa ngokushushumbiswa kwentombazane engaphansi kweminyaka.

Iphephandaba i-The New York Times libike ngoLwesithathu olwedlule ukuthi usopolitiki wase-Florida Republican uyaphenywa ngezinsolo zokuthi wayenobudlelwano bezocansi nomuntu oneminyaka eyi-17 ubudala, futhi wayikhokhela imali yokuhamba naye.

Uphenyo olwenziwe nguMnyango Wezobulungiswa waseMelika, empeleni luyingxenye yophenyo olukhulu kuJoel Greenberg, isikhulu sase-Florida nomngani omkhulu kaGaetz, owamangalelwa ngehlobo eledlule ngamacala okushushumbisa izingane ngokocansi.

UGreenberg noGaetz kusolwa ukuthi bafune abesifazane kumawebhusayithi abizwa nge-“sugar daddy”, lapho abesifazane abasebasha benikezwa imali nezipho ngamadoda amadala ngenhloso yokuya nabo ocansini.

Uphenyo olwenziwe yi-The Times luthole ukuthi owesifazane oyedwa ubekhokhelwe nguGaetz noGreenberg, kwathi omunye wakhokhela owesifazane wesibili. Abesifazane basola abangani babo ukuthi izinkokhelo bezenzelwe ukuthi benze ucansi nala madoda amabili.

La madoda amabili aphinde atholwa kumavidiyo athathwa yikhamera yezokuphepha eminyakeni eminingana eyedlule bengena ehhovisi lentela elalivaliwe ngempelasonto, futhi basesha kubhasikidi wamalayisense abashayeli aphelelwe yisikhathi.

UMnyango wezoBulungiswa usola ukuthi uGaetz noGreenberg baphinde bakhokhela namakamelo amahhotela abesifazane, lapho iqembu lithathe khona izidakamizwa ezingekho emthethweni ngaphambi kokuya ocansini.

UGaetz noGreenberg bobabili baziphikile ngokuqinile lezi zinsolo. UGaetz uqhubekele phambili, wavela ku-Fox News ngesonto eledlule efuna ukuzwakalisa ukuthi uphenyo loMnyango wezoBulungiswa empeleni luhlobene nomzamo wesisebenzi sikahulumeni sangaphambilini esifuna imali emndenini wakhe.

“Ngomhla ziyi-16 kuNdasa, ubaba wami wathola umlayezo ofuna umhlangano, lapho umuntu ayefuna khona u- $ 25m [R 363m] ngenhloso yokwenza izinsolo zokushushumbisa ucansi ezibhekiswe kimi zihambe,” kusho uGaetz.

UGaetz, owake watuswa ngabahlaziyi ukuthi abe ngundabuzekwayo eqenjini le-Republican Party, futhi useke wavela kaningana esidlangalaleni noDonald Trump ngesikhathi esenguMengameli.

Manje, umsebenzi kasopolitiki wekhongolose usengcupheni futhi umngani wakhe uTrump akabonakali ndawo, futhi kubikwa ukuthi uye wacelwa ukuba athule.

Izihloko zakamuva