Kuzobhekana ompetha besibhakela ngenyanga ezayo

Lubhalwe nguLinda Ximba

I-Golden Gloves Promotions isithembise ukuthi izovala unyaka ngempi enkulu kaKevin Lerana noDaniel Dubois e-London ngoZibandlela. 

“Inyanga ezayo kuzoba inyanga ematasa kakhulu,” kusho umnikazi uRodney Berman etshela i-Scrolla.Africa.

ULerena uzoba ingxenye yempi ebaluleke kakhulu njengoba ezobhekana nompetha we-WBA ojwayelekile uDubois enkundleni i-Tottenham Hotspur, e-England mhla zintathu kuZibandlela.

Impi izoba ngeye-WBC heavyweight phakathi kompetha uTyson Fury noDerick Chisora.

UBerman uzobhekisa amabombo kwi-SuperSport Festival of Boxing Week ezokhonjiswa e-Emperors Palace e-Kempton Park, eGoli.

Uphromotha osemnkantshubomvu uthe  abathandi besibhakela kumele bazilungiselele ukuzithokozisa.

“Sihlanganise abashayisibhakela engikholwa ukuthi maduze bazowina izicoco zomhlaba ezinkulu,” kusho uBerman.

“Umqhudelwano wokuqala uzoba ngoZibandlela futhi ubizwa nge-“Cracker Jack”.

Uthe abalandeli babheke ngabomvu umhlangano wesithathu phakathi kukaJohnny Muller no-Akani Phuzi. 

“UBrandon Thysee uzobhekana noCristiano Ndombassy wase-Angola imizuliswano eyishumi,” kusho uBerman.

Ngosuku olulandelayo uChris Thompson uzobeka isicoco sakhe se-African Boxing Union heavyweight noKaton Gomes emgqeni.

“Umqhudelwano wesibili ngiwubize ngokuthi i-Young Guns ngoba uhlanganisa abashayisibhakela abasafufusa kakhulu,” kusho uBerman.

Isithombe esingenhla ngesikaRodney Berman nabashayisibhakela

Umthombo wesithombe: Golden Gloves Promotions

Izihloko zakamuva