Kuxwayiswa ngokuziphatha budedengu emgwaqeni ngamaholidi 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

IMeya yase-Tshwane uCilliers Brink isinxuse abashayeli ukuthi bashayele ngokucophelela ngamaholidi ePhasika.

UBrink unikeze amathiphu alandelayo ukuqinisekisa uhambo oluphephile:

Ungaphuzi utshwala bese uyashayela.

Shayela imoto ekulungele ukuba semgwaqeni.

Ungashayeli njengohlanya.

Ungajahi ukufika lapho uya khona.

Thatha isiphuzo esidakayo kuphela ekupheleni kohambo.

UBrink uthe uma ushayela emigwaqeni engemihle nenemigodi, nendawo engakhanyi kahle, abashayeli kumele behlise ijubane.

Ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa umkhankaso woMnyango wamaphoyisa kaMasipala wase-Tshwane obhekele ukuphepha emgwaqeni ngePhasika ngoLwesibili e-toll plaza i-Carousel.

Lo msebenzi kuhloswe ngawo ukunciphisa izingozi zemigwaqo kanye nokuhlola ukuthi izimoto nabashayeli bakulungele yini ukuba semgwaqeni ngesikhathi samaholidi ePhasika nangale kwalokho.

Ngonyaka odlule, kwashona abantu abangu-252 emigwaqeni yaseMzansi ngamaholidi ePhasika.

UBrink uvumile ukuthi isimo somgwaqo komasipala asisihle ngendlela okufanele sibe ngayo kodwa unxuse abashayeli ukuthi baqaphele isivinini sabo ngendlela futhi bashayele ngokucophelela.

“Izingozi eziningi emigwaqeni yethu zigwemeka ngokuziphatha kahle kwezimoto nabahamba ngezinyawo.”

Imeya inxuse abashayeli bezimoto ukuthi basebenzise izinkundla zokuxhumana ukubika ngokuziphatha okubi kwabashayeli emigwaqeni.

“Lena ngenye yezindlela ezilula zokufinyelela kunoma ngubani – ngabe umengameli, imeya, amaphoyisa nezinye izinhlaka zomthetho – ngaphambi kokuba kube yingozi edlula nemiphefumulo eminingi,” kusho yena.

UJulia Makola, umgibeli wetekisi obekhona kulo mkhankaso, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uyakujabulela ukubonakala kwamaphoyisa emigwaqeni ukuze aqinisekise ukuthi abashayeli bayayithobela imithetho.

“Mhlawumbe kulo nyaka sizokwehla isibalo sabantu abashona emigwaqeni yethu ngenxa yokushayela budedengu nezimoto ezingekho esimweni sokuba semgwaqeni,” usho kanje.

Isikhulu samaphoyisa kamasipala wase-Tshwane, uYolanda Faro, uthe abomthetho bazobe bephume ngobuningi babo ngesikhathi samaholidi ePhasika.

“Sizogxila ekufakweni kwamabhande okuphepha, ukufaneleka komshayeli nezimoto, ukuphepha kwabahamba ngezinyawo, ukulayishwa ngokweqile kwabagibeli nesezimotweni kanye nesivinini.

“Siyazi futhi ukuthi … ukushayela uphuzile kuyimbangela enkulu ehamba phambili” ekushoneni kwabantu emgwaqeni, esho.

Lo mkhankaso uzoqhubeka nangale kwePhasika kuze kube kugujwa uSuku Lwenkululeko, iholidi loSuku Lwabasebenzi kanye nokhetho lwangomhlaka-29 kuNhlaba.

Osesithombeni ngenhla: Imeya yase-Tshwane uCilliers Brink.

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva