Kutuswe intombazanyana esencane e-China emva kokuthola indondo yegolide kuma-olympics

Dylan Bettencourt

U-Eileen Gu uvele wagqama e-China ngemuva kokuwina indondo yegolide kuma-olympics asebusika kanti nasezinkundleni zokuxhumana uhamba phambili njengoba abalandeli bakhe bonke bavele bamuhalalisela.

Le ntokazi eneminyaka engu-18 ubudala, ezalwa ubaba waseMelika kanye nomama wase-China, ibingenele ama-olympics asebusika okokuqala ngqa.

Ukubamba kwakhe iqhaza sekudale impikiswano, njengoba ebambe iqhaza ngaphansi kobuzwe base-China ekubeni ubuzwe bakhe busamukhomba eMelika.

Bekuyinjabulo yodwa ngesikhathi ewina indondo yakhe yokuqala yegolide emqhudelwaneni omkhulu we-Skiing big air we-Freestyle yabesifazane.

“Lesi isikhathi esihle kakhulu empilweni yami. Angikukholwa okusanda kwenzeka,” kusho uGu kwi-website yama-olympics ngemuva kokunqoba kwakhe.

UGu owaziwa njengenkosazane yeqhwa, waduma kakhulu ngaphambi kokuthi imidlalo yase-Beijing iqale nokuba nabalandeli abangu-2.6 million enkundleni yezokuxhumana i-Weibo.

Abalandeli bashiye imiyalezo  engu-90,000 bephawula  esikhathini esingaphansi kwesigamu sehora ngesikhathi ethweswa umqhele womcimbi omkhulu.

Izihloko ebezibhalwe khona ezifana nokuthi “Gu Ailing uwine indondo yegolide” zibukwe ngabantu abangaphezu kuka-300 million ngehora, lokho kuke kwaphazamisa kancane iplathifomu ngenxa yenani labantu abayisebenzisayo.

Izikhulu zase-China azichithanga sikhathi zathumela ukuhalalisela kwabo kulo msubathi.

“Siyajabula ukuzwa ukuthi uGu Ailing, umsubathi wase-Beijing, uzuzele ithimba lezemidlalo lase-China indondo yegolide eyigugu kanye nokuhlonishwa kwezwe ngokudlala kahle kwakhe,” kusho uHulumeni kaMasipala wase-Beijing kanye neKomidi leqembu lezepolitiki lase-China e-Beijing.

UGu wazalelwa futhi wakhulela e-California kodwa usebenzise ifulegi lase-China kulo mqhudelwano. Into abayibuzayo ukuthi ngabe uzobulahla yini ubuzwe bakhe baseMelika okuyinto abezindaba abakade belokhu beyingabaza ngayo kuyo yonke imidlalo.

Lo msubathi uphendule imibuzo ngokuthi uzizwa esekhaya uma eseMelika kanti futhi uzizwa esekhaya noma ese-China. 

Umthombo wesithombe: @CSMonitor

Izihloko zakamuva