Kuthungathwa imigulugudu ebulale abayisithupha eKZN

Everson Luhanga

Kudutshulwe kwabulawa abantu abayisithupha kwalimala ababili abebebukele esigamekweni esibi sokuhlasela ebesiqhutshwa yiqembu lamadoda ayisikhombisa esigamekweni esichazwe “njenge sihlobene nezidakamizwa.”

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uBrigadier Jay Naicker uthe abaseshi be-Provincial Task Team baphume umkhankaso wokuthungatha ababulali balezi zisulu eMlazi ngoLwesibili ntambama.

Bonke abasolwa abayisikhombisa basagcwele amathafa njengoba amaphoyisa ecela usizo emphakathini.

“Kusolakala ukuthi ngezithuba zabo-13:00 emini, iqulu lamadoda aneminyaka ephakathi kwengu-22 nengu-25 ubudala belihleli endlini emijondolo esigcemeni sakwa-N, eMlazi ngesikhathi lihlaselwa ngabalisa abalinganiselwa kwabayisikhombisa abebehlome ngezibhamu,” kusho uBrigadier Naicker esitatimendeni.

“Amadoda ayisithupha ashonile kulesi sigameko kanti amadoda amabili atholakale elimele eduze nendawo yesigameko aphuthunyiswe ezibhedlela zendawo ukuyothola usizo lwezempilo.”

UBrigadier Naicker uthe abaseshi be-Provincial Task Team baphenya amacala ayisithupha okubulala namabili okuzama ukubulala.

Usopolitiki wendawo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ukudubula kuhlobene nezidakamizwa.

“Ekuqaleni besicabanga ukuthi ukubulawa kwabantu okuhlobene nepolitiki,” kusho ikhansela lendawo, kodwa lanezela ngokuthi “omunye wemindeni yabashonile uthe kuhlobene nezidakamizwa.”

UBrigadier Naicker uthe uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natali, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, usigxekile lesi sigameko futhi uthembise ukuthi amaphoyisa azoqinisekisa ukuthi ababulali abanonya bayagwetshwa.

Amaphoyisa acela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi olungasiza ophenyweni ukuthi athinte i-Crime Stop ku-08600 10111 noma asebenzise i-app ye-MYSAPS.

Izihloko zakamuva