Kuphenywa uNdunankulu osolwa ngokuba neziqu zomgunyathi

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

UNdunankulu wase-Eastern Cape u-Oscar Mabuyane useqhamuke njengomsolwa omkhulu kunabo bonke odabeni lweziqu zokudayiswa enyuvesi yase-Fort Hare.

Uphenyo olugunyazwe uMengameli lususwe uphenyo lokuqala lwephini likashansela omusha uSolwazi Sakhela Buhlungu mayelana nokukhwabanisa nenkohlakalo osekuphele iminyaka iqhubeka kule nyuvesi.

Izimeya, amalungu esiShayamthetho sesifundazwe, amalungu esigungu esiphezulu sesifundazwe, abasebenzi bakahulumeni kanye noMabuyane bayaphenywa ngokuthola iziqu zomgunyathi enyuvesi yase-Fort Hare.

Uphenyo olwenziwe uphiko oluphenya amacala azimele (SIU) luphinde lwathinta uNgqongqoshe wezemisebenzi kahulumeni nokuphatha uNoxolo Kiviet naye owayenguNdunankulu wase-Eastern Cape.

UNgqongqoshe uKiviet uneziqu ezisolisayo ze-Masters ku-Public Administration.

UMabuyane osondelene kakhulu noMengameli uCyril Ramaphosa kwezombusazwe nguyena owaqokwa nguMengameli njengephini likaMengameli we-ANC ngesikhathi kunengqungquthela yokukhetha ubuholi ngoZibandlela nyakenye.

Abaphenyi baphinde bazithela phezu kobufakazi bokuthi labo abenza itulo lokubulawa kwabantu enyuvesi yase-Fort Hare bathembise umklomelo ka-R5 million kongabulala uSolwazi Buhlungu.

Ukubandakanyeka kukaMabuyane kulo mkhonyovu kudalulwe emaphepheni afakwe eNkantolo eNkulu yaseBhisho abephendula umzamo kaMabuyane wokuvimba uphenyo lophiko oluphenya amacala azimele.

Umcwaningi mabhuku oyinhloko yophiko oluphenya amacala azimele, uBongani Tshuku utshele inkantolo ukuthi “babutholile ubufakazi obukhomba ukuthi ithimba lezikhulu zenyuvesi nabacwaningi bakhiqize i-thesis egameni likaMabuyane owayeneziqu ze-Masters kanye neziqu zobudokotela ngaleso sikhathi ngaphandle kokunikezwa iziqu ze-honours noma okufana nazo.”

“Kubukeka sengathi uMabuyane ongazange abhaliswe ngokusemthethweni wathola iziqu ze-Masters ngaphandle kokuba neziqu ze-honours. Kuyavela nokuthi uMabuyane ubevele ebhalisele iziqu ze-PhD ngesikhathi ebhalisela i-Masters.

Uphenyo lophiko oluphenya amacala azimele luphinde lwathinta nowayengumqondisi wophiko lwezokuphathwa komphakathi e-UFA usolwazi Edwin Ijeoma nge-thesis kaMabuyane engajwayelekile.

UMabuyane uthe uphenyo ngeziqu zakhe beluhlose ukumthela ngehlazo wathi ngeke lithole lutho olungahambi kahle kuye.

Abaphenyi bakwa-SAPS abasezingeni eliphezulu nabo baphenya ukuxhashazwa kwezimali zabakhokhi bentela izikhulu zikahulumeni wase-Eastern Cape.

“Lezo zindaba zihlanganisa ukungaphathwa kwezindaba zophiko lwezokuphathwa komphakathi kule nyuvesi mayelana nokuklonyeliswa kweziqu ze-honours, izimali zokuphatha kanye nokutholwa kwabasebenzi bakahulumeni ukuze bafundele izinhlelo ezahlukene zobuhlakani ukuze umuntu azizuzele yena,” kusho uTshuku.

Okucashuniwe: Uphiko oluphenya amacala akhethekile luqinisekise ukuthi luphenya ngeziqu zikaNdunankulu u-Oscar Mabuyane.

Umthombo wesithombe: @OscarMabuyane

Izihloko zakamuva