Kungqongqiswe amabhasi ngemuva kwesiteleka sabamatekisi eKapa

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Ngemuva kwesiteleka samatekisi esiqale emini ngoLwesine kushiswe amabhasi amathathu akwa-Golden Arrow eNyanga nase-Philippi kwadaleka isiphithiphithi eKapa.

Lesi siteleka siqale ngemuva komhlangano obuseDesmond Tutu Sports Centre ngesikhathi usihlalo wezinhlangano ezincane omele izinhlangano zamatekisi esifundazweni enquma ukuhoxa ngokushesha erenki.

USihlalo we-Santaco e-Western Cape uMandla Hermanus uzwakalise ubucayi besimo wathi: “mhlawumbe asithathelwa phezulu ngoba sivele siteleke noma sihlale usuku olulodwa.”

“Kumele simise amatekisi siqinisekise ukuthi uhulumeni uyabuzwa ubuhlungu bethu; yingakho sithathe isinqumo sokuthi siqale namuhla kuze kube isonto elizayo.”

Lesi siteleka siza ngemuva komkhakhaso kamasipala waseKapa enkabeni yedolobha ngoLwesibili lapho amatekisi eshaqwe khona kanye nezinsolo zokushaywa kwabashayeli.

Kuthiwa ngoLwesithathu umshayeli wetekisi udutshulwe iphoyisa emlenzeni kanti esikhundleni sokuthi athole usizo lwezempilo ngokushesha uye wahanjiswa ezitokisini zamaphoyisa.

UHermanus uzwakalise ukudumala kwakhe wathi “wonke umuntu ukubonile okwenziwe izikhulu. Abagcinanga ngokushaya abashayeli bethu kodwa baphinde balimaza nemoto nokuyinto ekhombisa ukuthi abasihloniphi.

“Akekho noyedwa kuhulumeni ophumele obala wagxeka ukuziphatha kwezikhulu ezihlasele abashayeli bethu.”

Usihlalo uveze ukuthi abaphathwanga kahle wathi izimoto zabo ezingaphezu kuka-6 000 ziboshiwe ekubeni bekhokhe imali eshisiwe engaphezu kuka-R7,000 ukuze balande izimoto zabo.

“Sithembele emalini esiyenzayo ngokuthutha abantu kodwa ngeke sikwenze lokho uma kushaqwa amatekisi ethu,” kusho uHermanus.

Yize uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnu Bheki Cele ehambele umhlangano lapho obekukhulunywa khona nabanikazi amatekisi, akazange abambe iqhaza kulo mhlangano futhi uvele wahamba ngemuva kwalokho.

Ngokushesha isimo sibe nodlame njengoba izikhulu zomthetho kanye namabhasi akwa-Golden Arrow behlaselwe abashayeli bamatekisi abebetelekile.

Ngaphezu kwalokho izimoto zenkampani zihlaselwe ngamatshe kwathi ibhasi lesithathu lashiswa ku-Lansdowne Road e-Philippi.

KwaLanga izakhamizi zizitapele iziphuzo kulelo loli lenkampani.

Esithombeni esingenhla: Amalungu e-Santaco e-Western Cape abhikishela ukuthi kuqedwe umthetho kamasipala onobandlululo

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva