Kungenzeka ashintshwe maduze uMengameli we-Safa

Linda Ximba

Abakhethiwe abaphonsele inselelo uMengameli we-Safa uDanny Jordaan esikhundleni sokuhola banikezwe amandla i-Confederation of African Football (i-Caf) ezothumela ithimba elizobheka ingqungquthela yokukhetha ubuholi ngomhlaka-25 kuNhlangulana. 

Idlanzana eliqokiwe okukhona kubo oseyiPhini likaMengameli we-South African Football Association (i-Safa) uRia Ledwaba bazomelana noJordaan ophethe.

Imibiko iveza ukuthi labo abaphonsela inselelo uJordaan basatshiswe ngokuxoshwa.

Isikhulu se-Safa uTebogo Motlanthe siveze ukuthi abantu abaqokiwe abakwazi ukuzibonakalisa emphakathini ngaphambi kokuthi uhlu lokugcina lwabaqokiwe luphasiswe ikomidi lezokubusa.

ULedwaba umakadebona webhola likanobhutshuzwayo nongumnikazi weqembu elingasekho i-Ria Stars uhoxe ngomzuzu wokugcina ngaphambi kokuthi abambe ingqungquthela yakhe emasontweni amabili edlule.

“Kuwumgomo we-Caf ukuvikela ilungelo lamalungu ayo lokusebenzisa ngokukhululekile ilungelo lawo lokuzikhethela abaholi ababathandayo ngaphandle kokuphazanyiswa,” kusho incwadi esayinwe nguNobhala Jikelele we-Caf uVéron Mosengo-Omba.

“I-Caf izothumela ithimba elizobheka ukhetho lwe-Safa ngomhlaka-25 kuNhlangulana ukuze iqinisekise ukuthi luqhutshwa ngokuhambisana nemigomo nokuphathwa ngendlela efanelekile. 

Isikhulu se-Safa uMotlanthe sithe ayikho inkinga ngokuxhumana kwe-Caf.

“Sijabule ngokuxhumana ne-Caf eqinisekisa ukuthi ukhetho luzoqhubeka njengoba bekuhleliwe ngomhlaka-25 kuNhlangulana.”

UJordaan ongusopolitiki kanye nomqondisi webhola osemnkantshubomvu usebambe izintambo kwi-Safa kusukela ngonyaka ka-2013 kanti usefuna ihlandla lesithathu.

Kodwa kuthiwa abangaphakathi kwi-Safa babona sengathi uJordaan useshiywe iminyaka kumele ehlele ngezansi avule ithuba elizothathwa abantu abasha abanemibono emisha ebuholini.

Izihloko zakamuva