Kunconywa uRamaphosa ngokubeka elakuleli phambili

Eminyakeni edlule uMengameli uCyril Cyril Ramaphosa ubengaziwa ngokulwela elakuleli kanye nosizi lwezakhamizi zakuleli ezijwayelekile.

Emasontweni amabili edlule amalungu ophiko lukaMengameli lokuvikela ahlasele abashayeli abangahlomile emgwaqeni onguthelawayeka eGoli.

Isizwe besilindele ukuthi uMengameli athukuthele aphinde athuke njengathi sonke. Lutho. Namanje abukho ubulungiswa kwizisulu ezaphoqeleke ukuthi zibhekane nombhobho wesibhamu sohlobo lwe-R5, ezakhishwa kwi-VW Polo, zashaywa ngezibhamu, zakhahlelwa kwaze kwaquleka umshayeli.

Kuze kube manje izigebengu eziyizikhulu azikaboshwa.

Ngaphambi kuka-1994 ubungeke ukwazi ukucabanga ukuthi uRamaphosa engalishaya indiva udaba lobhubhane lwesifo sohudo e-Hammanskraal esibulale abantu abangaphezu kuka-40. Abantu ababhikishela amanzi babengeke badutshulwe emgwaqweni ngamaphoyisa ombuso ngaphansi kukaRamaphosa wakudala.

URamaphosa utuswe ngokudlala indima enkulu ngasohlangothini lukaNelson Mandela ukuqinisekisa ukuthi elakuleli ligwema izinxushunxushu kanye nezimpi zombango ngesikhathi kuyiwa okhethweni lwango-1994. Lowo uRamaphosa engamvotela.

Isethembiso sakhe sokushushisa omunye oyisigebengu ophinde abe umphangi embikweni wokulawulwa kombuso sangiqinisekisa ukuthi ngempela wayeyisinqumo sokuqala sikaMadiba.

Kodwa kuyadabukisa ukuthi njengoba kunobufakazi obuningi obuphambi kwakhe, abenele futhi abanye abantu abathintekayo ekulawulweni kombuso amalunga ephalamende namalungu ekhabhinethi yakhe.

Ngelinye ilanga wathi uncamela ukubonakala njengoMengameli obuthakathaka kunokuthi abonakale njengomuntu owengamele uqhekeko ku-ANC. I-ANC kuqala, elakuleli ngemuva. Kodwa kuleli sonto konke lokho kuye kwashintsha.

Utshele uMengameli wase-Russia uVladimir Putin ukuthi uhlobo lwakhe alwamukelekile kuleli.

UPutin ongumhlukumezi engxabanweni yase-Ukraine ubekwe icala iNkantolo yamazwe ngamacala obugebengu ngokuthumba izingane zase-Ukraine. Ubenesifiso sokuhambela ingqungquthela ye-Brics yesi-15 yamazwe ezoba kuleli ngenyanga ezayo. URamaphosa uthe cha.

Kuyisinqumo esingamukelekile ku-ANC, i-SACP kanye naku-Cosatu. Ikakhulukazi kwamanye amaqembu ashaya phansi ngonyawo njenge-EFF.

Kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi uRamaphosa ushaye phansi ngonyawo ukuze asindise umnotho wakuleli kanye nokuma kwelakuleli emhlabeni jikelele njengezwe elisekelwe ekukhuthazeni ubulungiswa namalungelo abantu ngokokuqala ngqa uRamaphosa esibeka phambili.

Izihloko zakamuva