Kunconywa umsamariya oqapha ibhuloho Kwanobuhle

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Zonke izinsuku eminyakeni emine edlule umfundisi onesibindi ubehlezi eqaphe ibhuloho Kwanobuhle e-Kariega ukuze avikele izingane zesikole zendawo ekubanjweni izigebengu.

Inqwaba yamacala okugetshengwa kwezingane zesikole, ukudlwengulwa kanye nokubulawa kule ndawo abikwa emaphoyiseni – kodwa azikho izinyathelo ezathathwa ukuvikela abafundi abawela leli bhuloho nsuku zonke uma beya esikoleni.

Ekhathazekile uThamsanqa Nkevu (44) wathatha isinqumo sokuvuka njalo ekuseni ngehora lesithupha ukuze aqaphe leli bhuloho eliwuhlupho. UNkevu wenza lo msebenzi ngaphandle kosizo noma isikhuthazo.

UNkevu ongumfundisi nomfundi we-karate uvuka entathakusa zonke izinsuku ezilolongelele i-martial arts ngaphansi kwesihlahla esiseduze kwebhuloho ngesikhathi eqaphe izingane zesikole ngeso lokhozi uma ziya esikoleni.

“Sekuphele iminyaka emine ngigada leli bhuloho futhi azikho izigameko ezike zabikwa zokugetshengwa kwezingane,” kusho uNkevu.

UNkevu owayenguthisha uthe kuyamkhuthaza ukuzimisela okukhonjiswa yilaba bafundi ukuthi bavuke baye esikoleni noma bebhekene nezingozi eziningi. Yingakho ethathe isinqumo sokufundisa intsha endaweni yangakubo.

“Kungikhuthazile ukuqina nokuzinikela engakubona kulaba bafundi njengoba bebephusha ukuya esikoleni yize bebhekene nezingozi kanye nezinselelo nsuku zonke. Nganquma ukwenza okungaphezu kokubavikela.

“Ngathatha isinqumo sokuthi nginikele ngemifaniswano yesikole kulabo engibabona beswele futhi ngenza izinkulumo ezikhuthazayo ezikoleni ukuze ngigcizelele ukubaluleka kwemfundo,” esho.

Ngaphandle kokuthatha indawo yokuba umqaphi womphakathi uNkevu usungule inhlangano engenzi nzuzo ebizwa ngokuthi i-Save A Child From Drugs, Save A Community.

Le nhlangano inikeza ukweseka okuqala kumzali okufanele abhekane nengane esebenzisa izidakamizwa bese kuya kuzo zonke izinhlobo zezinkinga ngenxa yokuba umlutha wezidakamizwa. Okwesibili inhlangano ihlose ukusiza ingane ecwile ezidakamizweni ngokuyinikeza izikhathi zokwelulekwa kubo bobabili umzali nengane.

“Njengoba ngitholile ukuthi le ntsha ecwile ezidakamizweni yenzani emindenini yayo ikakhulukazi kubazali esikhathini esiningi abazali abangabodwana abangenamandla kungenze ngabona ukuthi laba bazali banengcindezi enkulu kangakanani yemihla namalanga,” kusho uNkevu. 

Uqhube wathi laba bazali abanakiwe futhi kuncane okwenziwayo ukubaxhasa.

Leli qhawe lomphakathi lithi umuzi walo washiswa nyakenye izigebengu zizama ukumisa umsebenzi ebeliwenza wokuqeda ubugebengu emphakathini.

“Umuzi wami washa futhi bebezitshela ukuthi ngingaphakathi. Kodwa-ke, lokho akuzange kungithene amandla ukuthi ngiqhubeke nokuvikela lo mphakathi ezigebengwini.”

UNkevu uthi uyazazi izimo eziyingozi azibeka ngaphansi kwazo nsuku zonke ngomsebenzi awenzayo.

“Ngiyilindele imiphumela yesimo somsebenzi wami noma ngabe kusho ukuthi ngizofa ngisiza umphakathi wangakithi. Ngizilungiselele. Ngizoqhubeka nokubhekana nezigebengu emphakathini wakithi.”

Esithombeni esingenhla: UNkevu 

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva