Kume ukubhala ezikoleni ngenxa yombhikisho kagesi

Lubhalwe nguNothando Makhubele

Abafundi abenza umatikuletshni elokishini laKwaGuqa Emalahleni, e-Mpumalanga baphuthelwe ukubhala iphepha labo lesibili lezibalo ngenxa yombhikisho kagesi.

Abafundi basezikoleni zamabanga aphezulu e-Zacheus Malaza, e-Philiph Ndimande, e-DM Motsaosele, e-FH Mkhabela kanye nabafundi abahlala kule ndawo kodwa abafunda ezikoleni ezisemadolobheni abakwazanga ukubhala izivivinyo zabo. 

Umbhikisho uqale ekuseni abantu bevale imigwaqo uthelawayeka u-N4, u-Vosman, nongenela enxanxatheleni yezitolo e-KG Mall, eHlalanikahle, naseZinambeni.

Iveni elinamaphepha ezivivinyo lijikiswe izakhamuzi ezikade zithukuthele.

Lezi zakhamuzi bezifuna ugesi njengoba sekuphele amasonto amathathu ezinye izindawo Emalahleni zingenawo ngenxa yokuntshontshwa kwamakhebuli.

UMasipala waseMalahleni utshele izakhamuzi ukuthi kuzobathatha amasonto angu-16 ukuthi kushintshwe amakhebuli.

Umfundi webanga likamatikuletsheni utshele i-Scrolla.Africa ukuthi akajabulanga neze ngesikhathi ezwa ngombhikisho.

“Ngiye esikoleni ngisebenzisa izindlela ezinqamulelayo, kodwa angikwazanga ukubhala ngenxa yokuthi amaphepha emibuzo awafikanga. Sicelwe ukuthi siphume emagumbini ethu okuhlolwa.”

“Kubuhlungu kakhulu ngoba abantu ababhikishayo ngabazali bethu.”

Isakhamuzi uDavid Khoza waseZinambeni uthe: “Bekungamele uMasipala uyekele lolu daba lukagesi kuze kube manje. 

Kuyadabukisa ukuthi abafundi abayanga esikoleni namuhla.” Uthe kuwumzukuzuku ukuphila ngaphandle kukagesi.

“Asizimisele ngokudla uKhisimusi ngaphandle kukagesi.”

Okhulumela uMnyango wezeMfundo uGerald Sambo, uthe basalindele ukuthola isiqiniseko sokuthi bangaki abafundi abathintekile kulo mbhikisho.

“Ngeke sikwazi ukuphawula kakhulu njengoMnyango okwamanje.”

NgoLwesihlanu uMnyango umemezele ukuthi babalelwa ku-39,665 abafundi bebanga likamatikuletshenj abazobhala izivivinyo zezibalo esifundazweni.

Isithombe esingenhla siveza izakhamuzi zaseMalahleni zivale umgwaqo onguthelawayeka u-N4 zibhikishela ugesi

Umthombo wesithombe: Unikeziwe

Izihloko zakamuva