Kulindeleke ukuthi uMane abekhona kwelizodlala kweyoMhlaba

Lubhalwe nguRazeen Gutta

Kuthiwa umqeqeshi we-Senegal u-Aliou Cisse usekulungele ukufaka uSadio Mané eqenjini lakhe elizodlala kwiNdebe yoMhlaba ye-Fifa ngoLwesihlanu njengoba ompetha be-Afcon benethemba lokuthi isihlabani sabo sizolulama ngendlela eyisimangaliso.

Lo mdlali ophume isibili kwi-Ballon d’Or ulimale ithambo lomzlenze wangakwesokudla ngesikhathi edlalela i-Bayern Munich kanti leli qembu lithe uzohlolwa ukuze kubonakale ukuthi umonakalo ungakanani.

Umthombo ongaphakathi weNhlangano eyangamele ibhola yase-Senegal utshele i-AFP ukuthi uMane “uwehlisile umoya” futhi ngokuqinisekile “uzoba eqenjini” ngoLwesihlanu oluzayo.

“Udlala kahle futhi uyazi ukuthi ukulimala kuyingxenye yomsebenzi,” kwengeza umthombo.

Eminye imibiko iphinde yasho ukuthi lo mdlali angase abenconokungenzeka ukuthi uzobe eseluleme ngesikhathi somdlalo wesithathu nowokugcina wesigaba samaqoqo.

Loe mdlali owayedlalela i-Liverpool wabamba iqhaza elibalulekile ekutheni izwe lakubo lihlungele ukuya e-Qatar ngesikhathi eshaya iphenalthi eyenza ukuthi bawine emdlalweni wabo wokuhlungela bebhekene ne-Egypt.

Unobhala-jikelele we-Fifa uFatima Samoura usephakamise ukuthi kusetshenziswe abaholi bomoya ukusheshisa inqubo yokululama, wathi lo mdlali (30) “kufanele abe khona!”

“Sizosebenzisa abaholi bomoya. Angazi [noma bayasebenza yini] kodwa kulokhu, sizobasebenzisa nakanjani. Sinethemba lezimanga. Kumele abe khona!” kusho uSamoura utsheleetshela i-Europe 1.

Umthombo wesithombe: @BRFootball

Izihloko zakamuva