Kulihambela kahle elakuleli e-England

Razeen Gutta

UNatalie Schiver kanye no-Alice Richards basize i-England ebesisalele emuva ukuthi ihambe phambili emdlalweni we-test bebhekene  nama-Proteas ngaphambi kosuku lwesithathu ngoLwesithathu.

Abesifazane base-England bebezimisele ngokushaya amabhola e-Taunton ngemuva kokuthi ama-Proteas eshaye ama-runs angu-284 ngosuku lokuqala lomdlalo we-test ngoMsombuluko.

U-Emba Lamb kanye noTammy Beaumont baqale kahle umdlalo. Nokho u-Anneke Bosch ubakhiphe bobabili abavulayo ngokulandelana ngokushesha futhi phakathi neseshini yokuqala.

Amawikhethi amabili alethe ubunzima okuningi njengoba elakuleli lishiye abasingathi bomdlalo  benamaphuzu angu-121/5 kanti uBosch uthole iwikhethi yakhe yesithathu kanye no-Nonkulukelo Mlaba okhiphe u-Amy Jones.

Ubudlelwano phakathi kukaSchiver noRichards kuvele kwabaluleka e-England njengoba bobabili  kumaphuzu ayikhulu umuntu ngamunye  ngaphambi kokuvalwa komdlalo.

USchiver akazange ahlulwe kuma runs angu-119 emabholeni angu-207 ane-boundaries engu-15 kwathi uRichards wakhishwa ngebhola lokugcina losuku nguTumi Sekhunene ngama-runs angu-107 kwangu-194.

Ngaphandle kwewikhethi yakamuva i-England ibenamaphenathi angu-328/6 ihamba phambili ngo-44 namawikhethi amane esandleni.

Umthombo wesithombe:@bouncenationke

Izihloko zakamuva