Kukhona amanzi yonke indawo, kodwa akukho ngisho ithonsi elilodwa lokuphuza

Joseph Chirume

Abahlali base-Paterson idolobha elincane ngaphandle kwase-Gqeberha, bathukuthele bagane unwabu, ngengxa yompompi bamanzi abahlala, ekubeni behlala endaweni enemithombo eminingi yamanzi.

Leli dolobha elincane lokulima liqhele ngamakhilomitha angama-30 ukusuka e-Sundays River, umthombo omkhulu wamanzi ahlanzekile.

Liphinde libe ngaphansi kukaMasipala wase-Sundays River Valley, okuyikhaya lesinye sezihlahla ezinamanzi ezisawolintshi ezinisela kakhulu ezweni.

Okhulumela uMasipala, uZusiphe Mtirara uthe ukungahambi kahle kwamanzi edolobheni kudalwa ingqalasizinda yamanzi egugile.

“Asiwasweli amanzi kodwa inkinga ulayini wamanzi ohambisa amanzi asuka eDamini i-Caesar e-Addo uya e-Paterson uhlala uhlangabezana nokuphuka kanye nokuqhuma okuningi kwamapayipi okuphazamisa ukulethwa kwamanzi. Uhlelo seluphelelwe isikhathi,” kusho uMtirara.

Kodwa-ke, abahlali abathukuthele badidekile ngokuthi eminyakeni embalwa edlule umasipala wabanikeza amathangi amaningi okugcina amanzi ukuze bathole amanzi emvula. Bathe amanye amathangi ayalimala njengoba ashiywa engaxhunywanga ophahleni lwezindlu.

“Amathangi angawalanda kanjani amanzi emvula ekubeni umasipala enza umsebenzi ongaphelele? Abazange bawaxhume amanye amathangi ophahleni lwezindlu. Kwakuwukuchitha imali yabakhokhi bentela. Amanye amathangi ayalimala ngenxa yokunganakwa. Lawo ayexhunyiwe awanawo amanzi kuwo.

“Lesi sifunda besinezikhathi zemvula ezimbi eminyakeni emihlanu edlule. Umasipala kufanele ngabe ugcwalisa amathangi ethu ngamanzi,” kusho isakhamuzi uLulama Nolingo.

UNolingo uthe umndeni wakhe awukwazi ukukhokhela ukuthenga amanzi asemabhodleleni njengoba besebenza epulazini futhi behola imali encane.

UNomalanga ongumhlali wakulendawo uthe washiya uhlelo lwengadi yemifino eminyakeni emibili eyedlule ngenxa yokushoda kwamanzi.

Izihloko zakamuva