Kukhalwa ngabathumba abafana bafune imali

Dalphine Tagwireyi

Kukhalwa ngezigebengu eziqola imindeni yaseMalahleni eMpumalanga ngokuthumba abafana ziqambe amanga zithi basezikoleni zokusoka kanti zifuna imali.

Imindeni ephethwe ngabantu besifazane isiphenduke inhlekisa ezikoleni zokusoka ezithumba izingane zabafana ezikoleni nasemgwaqweni e-Malahleni, e-Mpumalanga.

Leli qembu lithatha abafana libayise ezikoleni zabo zokusoka ezingekho emthethweni libize imindeni yabo lifune imali.

Lokhu kuvezwe iNduna uNsizwa Mahlangu ongusihlalo womkhandlu wase-Ndzundza Urban Regional Council othe lezi zigebengu zifuna imali emindenini ephethwe ngabesifazane.

Egxeka ubuxhwanguxhwangu uMahlangu uthe izigebengu zifuna u-R500 nangaphezulu kanye notshwala futhi basabisa ngokuthi izingane zizogula noma zihlanye uma abazali bengakhokhi.

INduna ithe umndeni wase-Malahleni uyizisulu zakamuva owakhokha u-R1 500 ukuze kukhululwe indodana yawo eneminyaka engu-13 ubudala eyathunjwa izinsuku ezintathu iphuma esikoleni yaphoqwa ukuba igibele itekisi.

Induna ithe baningi abafana abathunjwa minyaka yonke ngesikhathi sokusoka.

INduna uMahlangu yeluleke imindeni ukuthi iqinisekise emakhosini ayo uma isikole sibhalisiwe futhi sinikezwe amafomu emvume nokuhlolwa kodokotela ngaphambi kokubhalisa izingane.

“Ngikhuthaza imindeni enabafana abadukile ukuthi ivakashele eziteshini zamaphoyisa eziseduze ivule amacala,” kusho iNduna.

Njengoba isibalo sabashonile esifundazweni simi kwabayisishiyagalombili uthe ukwethulwa kwe-Provincial Initiation Coordinating Committee (i-PICC) nguNdunankulu kanye neNdlu Yezindaba Zomdabu kuhloswe ngayo ukunciphisa isibalo sabafana abashona ezikoleni zokusoka.

Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS uBrigadier uSelvy Mohlala unxuse abazali ukuthi babike amacala okuthumba futhi bangazikhokhi izimfuno zezigebengu. Uthe amaphoyisa ahlenge abafana abangu-17 ezikoleni zokusoka kusukela ngoMbasa kanti abasolwa abane bavalelwe.

Izihloko zakamuva