Kukhalwa ngegenge yamaDelangokubona ephazamisa ithenda yezigidi esikoleni saseThekwini

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Iqembu lezigelegeqe zosomabhizinisi Amadelangokubona liphazamisa ukukhishwa kwethenda ka-R37.8 million esikoleni samabanga aphezulu iMenzi, eMlazi.

Amadelangokubona afuna ukukhokhelwa u-30% kule mali ngaphandle kokusebenza kwinkampani ethole ithenda.

UNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi KwaZulu-Natal uSipho KK Nkosi uvakashele lesi sikole ukuyolungisa le nkinga nokuqinisekisa ukuthi umsebenzi uyaqhubeka.

Isikole samabanga aphezulu iMenzi sidume njengesikole esiphasa kakhulu njengoba sithole u-100% ka-matric wokuphasa iminyaka eyishumi ilandelana.

UNkosi uzwakalise ukudumala kwakhe ngokuphazanyiswa komsebenzi obaluleke kangaka wathi uhulumeni ngeke azibekezelele izimfuno zaleli qembu.

“Sibikelwe ngenyanga edlule ukuthi umsebenzi wokwakha umisiwe ngenxa yeqembu lezigelekeqe. Kodwa njengoba sifikile lapha umsebenzi uzoqhubeka futhi sifuna amagama amalungu azibiza ngenhlangano yazamabhizinisi ukuze sikwazi ukukhuluma nabo ngezimfuno zabo.

“Okunye abafowethu okufanele bakuqonde ukuthi awukwazi ukuthola u-30% wemali ungenzanga lutho,” kusho uNkosi.

Uqinisekise abazali ukuthi uma leli qembu lezigelegeqe lingasivumi isinqumo umbuso uzongenelela.

Lo msebenzi owenzeka kulesi sikole samabanga aphezulu ubandakanya ukwakhiwa kwamakilasi angu-13 namalabhorethri abafundi.

Amadelangokubona adumile eThekwini aziwa ngokumisa izinhlelo zentuthuko nokufuna imali ngo “dli” kosonkontileka.

Phambilini bake bavala ukuqoqwa kwemfucuza umasipala weTheku bavimbela izinkampani zamaNdiya ukuthi zithole amathenda emalokishini.

Leli qembu lihlanganisa ababengamasosha e-MK kanye namabhantinti.

Esithombeni esingenhla: Izingxenye zesikole samabanga aphezulu iMenzi Comprehensive eMlazi.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva