Kuhlukene inhloko nesixhanti kwi-Al Ahly noPitso

Razeen Gutta

Ngemuva kokunqoba izindebe ezinhlanu nompetha base-Egypt umqeqeshi wakuleli uPitso Mosimane ufinyelele esivumelwaneni naleli qembu ngoMsombuluko ukuthi ahambe nethimba lakhe labaqeqeshi.

I-Al Ahly ikubeke kwacaca ukuthi uMosimane ucele ukulishiya leli qembu ngemuva kokuphoxeka ngokuhlulwa kowamanqamu we-Caf Champions League bebhekene ne-Wydad Athletic Club.

Ukuhlala kwakhe e-Egypt kube impumelelo enkulu ngesikhathi esiza i-Al Ahly yakwazi ukunqoba izicoco ezimbili ze-Champions League ngemuva kweminyaka eyisikhombisa ingafinyeleli esicongweni.

Kodwa-ke sekuqubuke ukugxekwa kumqeqeshi wakudala weBafana Bafana njengoba esanda kusayina inkontileka yeminyaka emibili ekuleli qembu sesifinyelele esiphethweni kungazelelwe.

Imibiko eminingi iphinde yaveza ukuthi umqeqeshi wakhe wokuzilolonga uKabelo Rangoaga kanye nabahlaziyi bomdlalo uMusi Matlaba noKyle Solomon bazohamba naye.

“Emhlanganweni obanjwe phambilini uMosimane ucele ukuhamba wathi ugculisekile ngempumelelo akwazile ukuyifeza neqembu,” kusho isitatimende se-Al Ahly ezinkundleni zokuxhumana.

“Kuxoxwe ngesinqumo sikaMosimane kwase kunqunywa ukuthi kuphasiswe isicelo sakhe sokuhlukana neqembu nokumbonga ngempumelelo yakhe ayifezile.”

Izihloko zakamuva