Kuhlukene imibono ngenkulumo kaNgqongqoshe wezeMpilo

Lungani Zungu

Izakhamuzi zasemazweni angaphandle ezihlala kuleli zibhekene nengozi enkulu yokukhishwa ohlelweni lwezempilo lwezwe.

Konke lokhu kungenxa yokuphawula kukaNgqongqoshe wezeMpilo e-Limpopo uDkt Phopi Ramathuba.

Isizwe sihlukene phakathi ngemuva kokusabalala kwevidiyo kaRamathuba ethethisa isiguli sase-Zimbabwe esilele embhedeni ngezinsolo zokonakalisa uhlelo lwezempilo ngeledlule.

Abaholi bamaqembu ahlukene ezepolitiki nezinhlangano ezahlukene bahlukene phakathi ngalolu daba, kodwa iningi libeka i-ANC icala ngokwehluleka ukulawula nokuvikela imingcele.

Umholi we-ActionSA uHerman Mashaba kanye nomholi we-EFF uJulius Malema babize amazwi kaRamathuba njengamazwi angahlukile ngokucwasa abantu basemazweni angaphandle.

“UNgqongqoshe kufanele abe namahloni ngokubukisa nokuthuka isiguli esigulayo ngoba nje siqhamuka e-Zimabwe,” kusho uMashaba etshela i-Scrolla.Africa ngoLwesithathu.

Yize ekhala ngodaba labantu basemazweni angaphandle abakuleli ngokungemthetho uMashaba uthe akekho umuntu okufanele akhishwe ohlelweni lwezempilo lwezwe.

Ube esesola i-ANC ngokwehluleka ukubhekana nenkinga yabantu basemazweni angaphandle abangena kuleli ngokungemthetho. Uthe ukudinwa kwabantu kumele kubhekiswe kwi-ANC engazange ilusukumele udaba lokungena kwabantu abangenazo izincwadi.

UMengameli uCyril Ramaphosa uphendule umbuzo ngokuziphatha kukaRamathuba’s ngesikhathi semibuzo nezimpendulo ePhalamende ngoLwesibili.

Nokho uMengameli usebenzise leli thuba ukuchitha izinsolo zokuthi abantu bakuleli bayacwasa.

Okhulumela i-EFF uSinawo Tambo ugxeke uRamaphosa ngokuvikela uRamathuba.

UGayton McKenzie owake waboshwa nosengumholi we-Patriotic Alliance ungene kulo mbango wathi uzoshintsha umshini wokusindisa impilo kumuntu wasemazweni angaphandle ukuze asindise abakuleli.

Ihhovisi leNxusa lase-Zimbabwe lakuleli belikhathazekile ngendlela uRamathuba akhulume ngayo nesiguli.

“Sikholelwa ukuthi izinkundla zikhona zokuxoxisana futhi sibhalisela ukusetshenziswa ngokugcwele kweziteshi nezinkundla ezifanele ukuze kuzuze amazwe ethu amabili,” kusho isitatimende senxusa. 

Izihloko zakamuva