Kugxekwe uDJ ngokugqoka imvunulo yomakoti esiteji 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Owesifazane osanda kushada uhlanjalaziwe ezinkundleni zokuxhumana ngokunandisa egqoke imvunulo kamakoti okubalwa amajelumane (isiketi eside esiluhlaza), iduku elimnyama netshalo elincane okhalweni nasemahlombe.

UJudy Moko Ndika onguDJ waseGugulethu, eKapa ubelokhu esabalala ezinkundleni zokuxhumana abantu bethi akawuhloniphi umshado wakhe.

Igama lakhe lesiteji uLady J kodwa abasebenzisi bezinkundla zokuxhumana sebemqambe igama elisha – uDJ Makoti.

“Ngiyaqonda futhi ngiyakuhlonipha ukuthi sonke sinemibono yethu,” kusho uLady J, “kodwa kulabo abangithukayo kufanele baqonde ukuthi ukushada akusho ukuthi umuntu kumele ayeke ukusebenza noma alandele amaphupho akhe.

“Ngemuva kokuthi abantu sebabelane ngamavidiyo ami, ngithole ukuhlonishwa okukhulu ngaphinde ngaqashwa ezindaweni eziningi nakuba bekungekona okokuqala ngabelana ngomsebenzi wami. Imvunulo kamakoti iyangisebenzela ngoba abantu bayakhuluma ngayo futhi ngiyajabula ukuthi iletha ushintsho.”

ULady J owafundela umculo e-Bridges for Music Academy ophinde abe nenkampani yokuqopha i-Gugs Native Records, wahlangana nomyeni wakhe uBantu Ndika ngo-2016 bashada nyakenye.

“Sasiqashwe ukuba siyonandisa endaweni eyodwa. Ngangingumdansi yena engumculi. Kusukela lapho asiphindanga sabheka emuva.

“Ngiyadansa futhi ngenza konke ebengikwenza ngingakashadi ngoba umsebenzi wami futhi umyeni wami nemindeni yethu bayaqonda ukuthi umsebenzi wami,” esho.

UBantu usekela isinqumo sikamkakhe sokungena esiteji egqoke izingubo zikamakoti.

“Siphila ngokuhlukile kunaseminyakeni edlule,” esho. “Izikhathi zishintshile noma ngabe siyathanda noma asithandi. Kudingeka nje ukuthi sihambisabe nalokhu okwenzeka esikhathini sethu.

“Ngahlangana nomkami ethanda futhi enza ezobuciko. Ukumthatha njengomkami akuzange kunginike ilungelo lokumvimba kulokhu abekwenza – ithalente lakhe,” esho.

“Nami ngenza ezobuciko futhi siyasekana. Imindeni yethu iyaseseka; yilokho kuphela okubalulekile.”

Esithombeni esingenhla: UDJ Lady J uqanjwe igama elithi DJ Makoti ngabasebenzisi bezinkundla zokuxhumana abamthukayo ngokungena esiteji egqoke imvunulo kamakoti.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva