Kudutshulwe umphathi wamatekisi kusele izinsuku ezimbalwa ngaphambi komshado wakhe

Everson Luhanga

NgoLwesibili ebusuku, kudutshulwe umphathi wamatekisi amanxeba ayi-18 ngesikhathi ethenga utshwala ukulungiselela umshado wakhe ongasekupheleni kwenyanga.

USphamandla Mseleku oneminyaka engama-41, ubephethe irenki yamatekisi aseNquthu, eThekwini. Ngokusho komshana wakhe, uMusa Khuzwayo, uye eGoli eyothenga izimpahla zedili lakhe lomshado.

Udutshulwe erenki yamatekisi eSangweni e-Tembisa, e-Kurhuleni.

Ngemuva kwalesi sigameko, abasolwa abathathu bangene emotweni yohlobo lwe-Toyota Corolla emhlophe bahamba ngejubane ngesikhathi bejahwa ngamaphoyisa.

Amaphoyisa athi alandele imoto yabasolwa isuka lapho kwenzeke khona ubugebengu yaya emijondolo yaseVusimuzi, lapho beyishiye khona imoto babaleka ngezinyawo.

Okhulumela amaphoyisa ase-Tembisa South uKaputeni Nelda Sekgobela uthe esitatimendeni asikhiphe ngemuva kwalesi sigameko, imoto iyiswe esiteshini.

Kube sekushintsha ukudla epuletini ngesikhathi umsolwa okusolwa ukuthi ubehamba ngemoto, uye esiteshini samaphoyisa eThokoza eyofuna imoto yakhe.

Uveze ukuthi udunwe imoto phambi kwehostela Ehlanzeni e-Tembisa South.

Isitatimende sikaSekgobela sifundeka kanje: “Ngesikhathi ebuzwa ukuthi kungani engazange alubike udaba lwakhe esiteshini samaphoyisa e-Tembisa South, utshele amaphoyisa ukuthi abasolwa bamshiye phakathi kwemigwaqo u-N12 no-R59. Yingakho eze eThokoza ezobika lolu daba.

“Amaphoyisa aseThokoza amhambise e-Tembisa South ukuze aphenywe. Ngesikhathi sisesiteshini samaphoyisa, elinye lamaphoyisa ebelijaha abasolwa limbonile lo mlisa ukuthi ungomunye wabathathu abeqe emotweni okubalekwe ngayo, wahamba ngezinyawo. ”

Le ndoda iboshiwe yagcinwa esitokisini, kodwa abanye abasolwa ababili basagcwele amathafa.

UMusa uthe umndeni ukhungathekile futhi usadidekile ukuthi kungani abasolwa bebulale umalume wakhe, nokuthi kungani kumele benze isiqiniseko sokuthi uyashona.

“Amaphoyisa asitshele ukuthi ubenamangxeba angaphezu kwayi-18 emzimbeni umalume.

“Kukhombisa ukuthi abasolwa bebenonya futhi bebefuna afe,” esho.

UKaputeni uSekgobela uthe uphenyo ngaleli cala luyaqhubeka.

Izihloko zakamuva