Kudutshulwe kwabulawa ilungu leDudula

Kamogelo Olaitan

Kudutshulwe kwabulawa ilungu le-Operation Dudula ngoMgqibelo ngesikhathi kuhlaselwa ibhasi ebeligibele amalungu ale nhlangano e-Jane Furse, e-Limpopo.

Ngakusasa ekuseni, omunye wabasolwa ngalesi sigameko sokubulala udutshulwe wabulawa ngamaphoyisa ngemuva kwezinsolo zokuthi ukhiphe isibhamu ngesikhathi ezama ukuwabalekela.

Amalungu eDudula aseGoli abese-Limpopo ngoMgqibelo eyonxenxa ukwesekwa eLimpopo.

Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo, uthe kubikwa ukuthi amalungu eDudula ebehamba ngebhasi eya kwenye indawo esemaphandleni eyolanda amalungu awo abesifazane ahlala ezindlini zomxhaso.

“Ngesikhathi bebuyela emuva bengasenkundleni yezemidlalo, kuthiwa ibhasi labo lihlaselwe lacekelwa phansi yiqulu labantu abangaziwa besebenzisa amatshe,” kusho uMojapelo.

Ibhasi libe selimiswa abahlaseli. Ngesikhathi amalungu eDudula ephuma ebhasini ejaha abahlaseli, “ilungu lomphakathi lidubule elinye lamalungu eDudula lashonela endaweni yesigameko.”

Lesi sigameko siholele ekumisweni kwezinhlelo ebezihleliwe kule ndawo.

Abasolwa abathathu, owesifazane nabesilisa ababili abaneminyaka engu-25 kuya kwengu-26, babekwe amacala okubulala nokucekela phansi impahla.

Umsolwa wesine ulinyazwe kabi ngamaphoyisa ngeSonto ekuseni.

Amaphoyisa athungathe umsolwa ngemuva kokuzwa ukuthi ubesabisa abantu endaweni yokucima ukoma.

Ngesikhathi amaphoyisa efika, “umsolwa uye wabaleka kanti kusolakala ukuthi ukhiphe isibhamu wadubula ebhekise emaphoyiseni abe esephindisela amdubula,” kusho uMojapelo.

Umsolwa (25), kusolakala ukuthi utholwe ephethe izibhamu ezimbili ebezigcwele izinhlamvu.

Amaphoyisa anxuse amalungu omphakathi ukuthi awasize ngokuhlinzeka ngolwazi ngabasolwa abasele.

Onolwazi uyanxuswa ukuba athinte umphenyi uDetective Sergeant Mamaiti Fossi Mamaile ku-082 297 1778, kwinombolo ye-Crime Stop 0860010111, esiteshini samaphoyisa esiseduze noma i-MySAPSApp.

Izihloko zakamuva