Kubukeka kuwumqansa ukudlalela elamaBhokobhoko

Lucky Sithole

Emasontweni ambalwa ngaphambi  kohambo lwamaqembu ebhola lombhoxo ase-Wales kwelakuleli, abadlali ababili badlale ngokukhulu ukuzimisela okwenza abaqoki bamaBhokobhoko bangakushayi indiva lokho.

NgoMgqibelo ntambama ama-Bulls nama-Sharks adlale cishe umdlalo ongcono kakhulu we-United Rugby Championship (i-URC). Uma ububhalwa phansi ubungeke uphele ngendlela emangalisayo.

Njengoba bese kusele imizuzu emithathu zibambene ngo 27-27 abase-Morné Steyn bebezibuza ukuthi izokwenziwa nini i-flyhalf yephenalthi enquma umdlalo noma i-dropball.

Kodwa uSteyn owaziwa ngokushaya lawo magoli anengcindezi ubehleli ebhentshini. Kusale kuChris Smith ukuthi azame lelo goli ukuze bawine kanti lokho kuphenduke umzuzu omangalisayo.

Ukukhahlela kusukela kwesokudla ngaphambi kwamapali ngemuva bekulula, kodwa ukucindezela bekukukhulu. Kube umzuzu omkhulu kuSmith ofake igoli elinikeze izinkunzi ukunqoba okubaluleke kakhulu kwesizini futhi bekukuhle ukumbona ejabule.

Abadlali bebhola lombhoxo abenza kahle entweni eyodwa kuhlale kubuhlungu ukubabuka. Noma uSteyn esethuthukile okuthakazelisayo ngokwanele, eminyakeni eyishumi edlule waba umdlali odlala indima enkulu ukusebenzisa umfutho ekugijimeni, ekudluleni, ekuphuleni umugqa nanoma yini enye ngaphandle kokuba umkhahleli ohamba phambili ebholeni lombhoxo lakuleli. 

Ukukhahlela kukaChris Smith phezu kwepali, kungenzeka kube isithombe esihle njengoba ethatha izintambo kuMorné Steyn.

Kamuva ngoMgqibelo ebusuku, umdlalo phakathi kwe-Stormers ne-Edinburgh udlale ngendlela okwakubikezelwa ngayo ukunqoba kwe-Stormers. Nakuba umqeqeshi uJohn Dobson egculisekile ngokuwina unomsebenzi omningi kuleli sonto. Uma izodlala umdlalo oshisayo nobandayo kule mpelasonto ibhekene ne-Ulster izojeziswa.

Nokho kube nomdlalo ubusezingeni eliphezulu owenze abantu bakwazi ukuwubuka.

Bekuyinyanga edlule lapho u-Evan Roos adlale khona omunye wemidlalo emibi kakhulu empilweni yakhe egqoke ijezi le-Stormers ngesikhathi bedlala ne-Leinster noma i-Leinster Lite njengoba iqembu labo lesibili libizwa kanjalo. 

Kwaze kwaba kabili edlala kabi kanti uke waphusha ubuso bomdlali emhlabathini ngemuva kwempempe. Wabe esethatha ibhola ngaphansi kwezinyawo zomdlali we-Leinster kodwa bangenza lutho ngalokho.

Ubesengenele iqembu lamaBhokobhoko kodwa udumo aluzange luvele ngalolo suku. Eqinisweni ubebukeka efana nowayengukaputeni wamaBhokobhoko uCorné Krige ezenza isilima.

NgoMgqibelo ubefana noKwagga Smith indlela abezungeza ngayo enkundleni evala izitha ekuhlaseleni nasekuzivikeleni. Ukusuka kwakhe kolayini bekukukhulu.

I-try yakhe bekuwumvuzo wokudlala ngendlela encomekayo futhi ukuba ngumdlali ovelele akuzange kumangaze. 

Iqembu libe nosuku olude, kodwa u-Evan Roos udlale umdlalo womsebenzi wakhe.

Ngenyanga edlule uNick Mallet washo ngelinomunyu wathi “abaqoki bamaBhokobhoko abashongo ukuthi akashintshe indlela adlala ngayo, kodwa isitayela sakhe asihambisani namaBhokobhoko”.

Hhayi-ke, lokho kwakungenyanga edlule futhi manje sekungumlando wasendulo.

I-Wales uma sikhuluma iqiniso, akusiyo i-All Black. Kungamangaza kakhulu ukubona i-Dragons iwina noma imiphi imdlalo uma ibhekene namaBhokobhoko. 

Kubukeka sengathi lesi isikhathi esifanele sokuthi u-Evan Roos noChris Smith bathole ukugqoka ijezi lamaBhokobhoko.

Izihloko zakamuva