Kuboshwe owesilisa waseMelika ngecala lokuphanga ibhange

Arthur Greene

Iyona yiphi imoto ofisa ukuba nayo ngelinye langa, futhi yini ongayenza ukuze uyithole?

U-Eric Dion Warren’s ubezithandela i-BMW emnyama, njengoba ebambe inkunzi ebhange ukuyikhokhela ngesikhathi eyishayela ukuyihlola ikhwalithi.

Mhla zi-7 kuNhlangulana kowe-2019, indoda yaseMelika yafika lapho okudayiswa khona izimoto e-Texas yatshela umthengisi ukuthi ingathanda ukuthenga i-BMW. Ngesikhathi kusacutshungulwa imali, uWarren ushayele imoto wayiyisa ebhange.

Ufake isikhwama sephepha ekhanda lakhe, wahloma isibhamu, wangena ebhange. Unikeze umabhalane incwadi efuna u- $ 10,000 (R150,000).

Incwadi yayifundeka kanje: “Lokhu kuwukuphanga f ******. Wadlala ngami uzofa. Ngifuna u- $ 10,000 ohamba ngama-50 kanye no-$ 100 ongamaphepha njengamanje futhi unomzuzu owodwa vo ngoba uma ungakwenzi ngizokubulala.”

Ngemuva kokunikezwa imali ngokushesha, uphinde wagibela imoto yohlobo lwe-BMW waphindela emuva lapho okudayiselwa khona izimoto.

UWarren – okungenzeka ukuthi ubunevalo ngemuva kokubamba inkunzi ebhange – kubikwa ukuthi wenze ezibukwayo ngesikhathi efika lapho okudayiselwa khona izimoto.

Ubegabisa ngemali engango- $ 3,000 futhi wafuna abasebenzi abathengisa izimoto ukuthi bamvumele ayisebenzise njengemali yokuqala ukukhokhela imoto.

Wayengazi nokho, ukuthi lo mthengisi wayesethole ucingo oluvela emaphoyiseni, ngemuva kokuthi imoto ayebaleke ngayo uWarren ifana nse naleyo ayeyishayela.

UWarren ugwetshwe iminyaka engama-20 ejele lombuso ngemuva kwecala elifushane. Uboshwe ephethe u- $ 5,000 (izi-R75,000) nesibhamu se-pellet, kanti nephepha alisebenzisile ebhange linezigxivizo zeminwe yakhe. Lokhu kushiye inkantolo ingangabazi nakancane ngecala lakhe.

Umthombo wesithombe: @CBSDFW

Izihloko zakamuva