Kuboshwe abayisishiyagalolunye kwekhiqiza izidakamizwa eKrugersdop 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Abesilisa abayisikhombisa nabesifazane ababili bashaqwe oKlebe ngoMsombuluko e-Krugersdorp West ngemuva kokubhadanywa endaweni okusolakala ukuthi ikhiqiza izidakamizwa.

Okhulumela oKlebe, uColonel Katlego Mogale uthe le ndawo yokukhiqiza izidakamizwa eyimfihlo ibiza izigidi. Amaphoyisa athe: “i-superlab” eku-Pulley Street, e-Boltonia e-Krugersdorp West isebenza njenge nkampani yokukhiqiza izidakamizwa.

Ababoshiwe baneminyaka ephakathi kuka-18 no-55.

“Ukutholakala kwale ndawo yezidakamizwa kube ngemuva kwezinsolo ezivele ngokusebenza kwayo.

“Amalungu ethimba le-Serious Organised Crime Investigation atheleke efemini lapho athole khona inqwaba yamakhemikhali akhiqiza i-methamphetamine. Ngesikhathi kuseshwa le ndawo kuboshwe abasolwa abayisishiyagalolunye okubalwa nabesifazane ababili,” kusho uMogale.

Uthe abasolwa ababoshiwe bazovela okokuqala eNkantolo yeMantshi yase-Krugersdorp ngoLwesithathu ngomhlaka-14 kuNhlolanja, bebhekene namacala okukhiqiza izidakamizwa ezingekho emthethweni.

Inhloko yoKlebe esifundazweni saseGoli, uMajor General Ebrahim Kadwa uncome umsebenzi waleli thimba waphinde walikhuthaza ukuthi liqhubeke nokubopha izigilamkhuba.

Uphenyo lusaqhubeka.

Esithombeni esingenhla: Ilebhu yezidakamizwa.

Umthombo wesithombe: Hawks

Izihloko zakamuva