Ivele enkantolo iMeya esolwa ngokubulala ikhansela

Lungani Zungu

Ngenyanga edlule iMeya yeNkatha Freedom Party (IFP) eMsinga uMnu Mletheni Douglas Ndlovu usolwe uzakwabo uMnu Lungisani Ntuli ngokuba ngungqondongqondo wetulo lokubulala ikhansela leqembu uSiyanda Magubane.

NgoLwesihlanu uboshwe nonogada bakhe ababili uMsawenkosi Lionel Malembe kanye noMvikeleni Mzolo.

UNdlovu ubhekene necala lokwehluleka ukuvalela isibhamu endaweni ephephile “kanye nokunikeza isibhamu umuntu okungamele abenesibhamu,” kusho uNatasha Ramkisson-Kara, okhulumela i-National Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal.

Onogada bakaNdlovu, uMalembe kanye noMzolo babhekene necala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu ezingekho emthethweni.

UNdlovu unikezwe ibheyili ka-R10 000, ngesikhathi onogada bakhe benikezwa ibheyili ka-R1 000 umuntu ngamunye.

Icala lihlehliselwe umhlaka-21 kuLwezi kulo nyaka.

Manje i-IFP – ebilokhu yenza kahle okhethweni lokuchibiyela lwakamuva KwaZulu-Natal – inesinqumo esinzima okumele isenze sokuthi imgcine yini uNdlovu noma imxoshe ngenxa yamacala abhekene nawo.

Iqembu belivaleleke emhlanganweni ngoMsombuluko kanti kulindeleke ukuthi limemezele isiphetho sikaNdlovu ezinsukwini ezizayo.

Okwamanje bekungakaqinisekiswa ukuthi ukuboshwa kukaNdlovu kuhlobene nokufa kukaMagubane.

Sekuphele iminyaka iKwaZulu-Natal ibhekene nengwadla yokubulawa kwabantu okusolakala ukuthi kungenhloso yezepolitiki.

Lokhu kwaholela ekutheni kusungulwe iKhomishana kaMoerane ephenya ngokubulawa kwabantu kusukela okhethweni lohulumeni basekhaya lwangowezi ngo-2016.

Izinsolo zokuthi uNdlovu nguye ungqondongqondo ekubulaweni kukaMagubane zenziwe emngcwabeni kaMagubane obuhanjelwe uNdlovu ngenyanga edlule.

Ikhansela leqembu uNtuli utshele abebeze emngcwabeni ukuthi uNdlovu nguye oyalele ukuthi kubulawe uMagubane ngenyanga edlule.

Lokhu kufake i-IFP esivunguvungwini esikhulu sezombusazwe, kanti lokhu kuholele ekutheni leli qembu liqale uphenyo lwangaphakathi.

UNdlovu uye wabuyelwa ithemba ngesikhathi i-IFP’s National Council Task Team (NCTT) imthola engenacala ekuqaleni kwale nyanga.

Isithombe esingenhla: UMlethi Ndlovu

Umthombo: Facebook

Izihloko zakamuva