Izinja ezikhonkotha isimbelambela zizoholela enhlawulweni eKapa

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Izakhamizi zaseKapa, ikakhulukazi ezihlala emalokishini zinovalo lokuthi izinja zazo zizozishiya zingena mali uma zikhonkotha isikhathi eside.

Ababengazi ngemithetho yedolobha yezilwane bashaqekile ukuzwa ukuthi noma iyiphi inja ekhonkotha njalo imizuzu emithathu esikhathini semizuzu engu-30 ithathwa njengeyinkinga futhi umnikazi wayo angase akhokhe inhlawulo ka-R500.

UNandipha Mcekethi, isakhamuzi saselokishini laseNyanga akaqondi ukuthi kungani idolobha lihlawulisa abanikazi bezinja.

“Iyangikhathaza lento ngoba nginezinja ezingaphezu kwezine. Azigcini ngokukhonkotha abantu abadlula eduze komuzi wami, kwesinye isikhathi ziphinde zikhonkothe izimoto okusho ukuthi ngizoba nezikweletu maduze. Ngiyethemba ukuthi akekho ozongiceba kumasipala waseKapa,” kusho uNandipha.

“Izinja ziyasivikela ezigebengwini. Ngeke sikwazi ukuziqeqesha ukuthi zikhonkothe nini ngoba zingathula uma izigebengu zingena egcekeni.”

Omunye umnikazi wezinja uthe umasipala kufanele uvumele izinja zibe yizinja.

“Umsebenzi wenja ukukhonkotha. Iningi lethu aliziqeqeshi izinja ukuthi zazi ukuthi kufanele zikhonkothe nini. Sihlala elokishini. Asinayo imali yokuthengela imindeni yethu ukudla. Kufanele siyithathephi imali yokukhokhela izinja ezikhonkothayo?”

UThumeka Kente, isakhamuzi saseGugulethu uthe izinja ezijaha izimoto ziyahlupha.

“Ngijabule ngokuhlawuliswa kwabantu ngezinja zabo ezikhonkothayo. Akuzona izinja kuphela ezicasulayo ngokukhonkotha yonke into enyakazayo kodwa kukhona ezikhonkothayo bese zijaha izimoto,” kusho uThumeka.

UJP Smith oyilungu lekomiti lemeya elibhekelela ezokuphepha eKapa uthe iPublic Emergency Communications Centre kamasipala ithola izikhalazo eziningi zomsindo nsuku zonke.

Nakuba iningi lazo zimayelana nomsindo wasebusuku ovela emicimbini, izikhalo eziningi ziphinde zibe ngezezinja ezikhonkothayo.

“Imithetho kamasipala yezilwane ithi noma iyiphi inja ekhonkotha imizuzu emithathu engaphazanyiswa esikhathini semizuzu engu-30 ibonakala iwuhlupho futhi umnikazi wayo angase akhokhe inhlawulo ka-R500 bese etshelwa ukuthi athathe ezinye izinyathelo ukulungisa isimo,” kusho uSmith.

“Ukwehluleka ukwenza lokho kungaholela ekukhokheni inhlawulo ka-R1,000 kanye nezinyathelo zenkantolo.”

Esithombeni esingenhla: Izinja ezikhonkothayo.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva