Izingwazi zase-Afrika zenze ezibukwayo kowePremiership eNgilandi

Dylan Bettencourt

Amaqhawe ase-Afrika e-Liverpool u-Sadio Mane noMohamed Salah baphinde baba izihlabani zomdlalo njengoba ama-Reds eshaye i-Leeds ngo 6-0 okubenze basondela kakhulu kwi-Manchester City.

Abaningi babecabanga ukuthi imidlalo yokulwela isicoco se-Premier League yayisiphelile ngoZibandlela njengoba izithenjwa zikaPep Guardiola zabamba amaphuzu aphindwe kabili banyukela phezulu esicongweni. Kodwa-ke, ngokuwina  kwe-Liverpool, basele ngamaphuzu amathathu ukufica i-City.

USalah uvule igoli lokuqala ngephenalthi futhi waba nesandla epalini elingandile kumdlali wasemuva uJoel Matip ongene ebhokisini le-Leeds ngaphambi kokuthi umdlalo uphele ngo 2-0.

USalah ushaye enye iphenalthi ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini.

Umpetha we-Africa Cup of Nations uMane ubengeke ahlale emdlalweni kuthuleke kuthi cwaka, njengoba eshaye amagoli amabili ahlukene ngemizuzu eyishumi ukwengeze esinye isilonda kwi-Leeds.

UVirgin van Dijk ushaye igoli ngomzuzu ka-93 ukunikeza i-Liverpool ukunqoba okuphelele kokulungiselela umdlalo ngaphambi kowamanqamu we-Carabao Cup ngeSonto.

Njengamasizini adlule, kubonakala sengathi umjaho wesicoco se-Premier League phakathi kwe-Manchester City ne-Liverpool uzokwehla.

Njengoba sekusele imidlalo engu-12 futhi izinhlangothi zombili zinqobe yonke imidlalo, kusamele zibhekane kubonakale ukuthi ubani umpetha.

Inkundla yase-Etihad izosingatha umdlalo ongase unqume isicoco ngomhlaka-10 kuMbasa.

I-Liverpool izozizwa inomfutho ohlangothini lwayo njengoba i-City ihlulwe ngo 3-2 ishaywa i-Tottenham Hotspur ngempelasonto kanti i-Liverpool ijabulela uhlobo lwayo oluhle kakhulu lwesizini.

UJurgen Klopp nezakhe kuzofanele bagxile kowamanqamu we-Carabao Cup ngeSonto uma sebebhekene ne-Chelsea. Ithuba lokuqala lokuthola indondo yesiliva kule sizini lizodlalelwa e-The Wembley Stadium ngo-6.30 ntambama.

Umthombo wesithombe: @LFC

Izihloko zakamuva