EThekwini: UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, usenikeze lowo owayenguShansela weSilo samaZulu, Inkosi Malusi Zondi, isitifiketi sokuhlonishwa ukuze amele iSilo uMisuzulu kaZwelithini emahostela. UButhelezi utshele uZondi emhlanganweni obuseThekwini ngoLwesibili ukuthi umsebenzi wakhe omusha wukwengamela amahostela KwaZulu-Natal naseGauteng egameni leSilo. UZondi uzozinze eSigodlweni saseMbelebeleni ehostela laKwaMashu, enyakatho yeTheku. Lokhu kuza ngemuva kwezikhalo zokubambezeleka kokuhlonishwa kukaZondi njengenkosi yesizwe sakubo. Abanye abantu baphinde baphawula ukuthi isitifiketi sisho igama lakhe hhayi iNkosi.
EBrighton Beach: INkantolo yeMantshi yaseThekwini igwebe owesilisa (36) udilikajele ngecala lokudlwengula umakhelwane wakhe oneminyaka engu-12. Inkantolo ilalele ukuthi ngomhlaka-31 kuZibandlela ka-2021, umsolwa wangenela intombazane efulethini wayidlwengula. Intombazane ayizange iqale ibike ngokuhlaselwa. Ngokuhamba kwesikhathi unina wamuzwa etshela umngane wakhe ngokwenzekile wabe esebikela amaphoyisa.
EPort Shepstone: INational Prosecuting Authority isamukele isigwebo sikadilikajele esinikezwe indoda eneminyaka engu-45 ubudala yiNkantolo yesiFunda yasePort Shepstone ngokudlwengula intombazane (11) eBoboyi ngo-2022. Inkantolo izwe ukuthi unina wentombazane wabona izinguquko emzimbeni endodakazini yakhe. Ingane ngokuhamba kwesikhathi yadalula ukuthi idlwengulwe phakathi kukaNdasa noNhlaba ngo-2022. Umsolwa uphinde wasabisa intombazane nomndeni wayo. Kuthiwa akakulungele ukuba nesibhamu. Inkantolo iphinde yayalela ukuthi igama lakhe lifakwe kwiRejista Yesizwe Yamacala Ocansi.
Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfundisi Thulasizwe Buthelezi enikeza inkosi uMalusi Zondi isitifiketi sokuhlonipha amahostela KwaZulu-Natal naseGauteng.
Umthombo wesithombe: KZN Cogta
