UCelani Sikhakhane ukulethela izindaba zakamuva zaKwaZulu-Natal.
ELadysmith: u-Albert Mazibuko ongumculi aphinde abe ilungu elidala leLadysmith Black Mambazo eyahlabana ngendondo ye-Grammy, uzobekwa endaweni yakhe yokugcina ekhaya eMnambithi maphakathi neKwaZulu-Natal kule mpelasonto esiya kuyona. Lokhu kuza ngemuva kokuthi umngcwabo wakhe uhlehlisiwe ngenxa yohambo lwamazwe ngamazwe lweqembu lakhe obuse-United States of America. Umphathi weqembu uXolani Majozi uthe ngenxa yalolo hambo akekho noyedwa eqenjini obekhona kuleli kanti benze isicelo esikhethekile emndenini ukuthi umngcwabo ube ngale mpelasonto esibheke kuyona ngemuva kokubuya kweqembu ohambeni lwase-USA. UMazibuko, oshone ngesonto eledlule, ungomunye wamalungu amadala asungule leli qembu nomsunguli walo uSolwazi Joseph Shabalala.
EMgungundlovu: UNdunankulu waKwaZulu-Natal uThamsanqa Ntuli usezwakalise ukukhathazeka okukhulu mayelana nokuhamba kancane kwezinhlelo zokulawulwa kwemiphumela kuhulumeni wesifundazwe, egcizelela ukuthi ukubambezeleka kokuphendula izikhulu kwehlisa ukuzethemba komphakathi futhi kwenza impi yokulwa nenkohlakalo ibe buthaka. UNdunankulu uzwakalise lokhu kukhathazeka ngesikhathi kuqhubeka umhlangano wesigungu esiphezulu sesiFundazwe obuhanjelwe yiziNhloko zeMinyango kanye nezikhulu eziphezulu zezezimali. Lo mhlangano ubugxile ekuqiniseni izinhlelo zokubusa, ukwenza ngcono ukuphathwa kwezimali kanye nokuqinisekisa ukuthi izinqubo zokuqondiswa kwezigwegwe nezophenyo ziphothulwa ngokufanele nangesikhathi esinqunyiwe.
EMlazi: Amaphoyisa KwaZulu-Natal abophe abasolwa abahlanu abaneminyaka ephakathi kuka-20 no-44 ubudala eMlazi kulandela ukugetshengwa kwesitolo sobucwebe enxanxatheleni yezitolo eMhlanga ngeSonto. Ngesikhathi beboshwa kutholwe ezinye zezinto okusolakala ukuthi zebiwe ngesikhathi kubanjwa inkunzi. Ngesikhathi amaphoyisa elungisa indawo yesigameko enxanxatheleni yezitolo, athole ulwazi olubalulekile lokuthi abasolwa esigamekweni sokugebenga bebefuna umthengi wezimpahla ezebiwe eMlazi. Amaphoyisa ophiko lweProvincial Murder and Robbery kanye ne-eThekwini District Task Team asukume ngokushesha abhekisa amabombo eMlazi athungatha abasolwa. Ngokusebenza ngokubambisana, ukusebenza kanzima nokubekezela, amaphoyisa abophe abasolwa abahlanu ezintatha zangoMsombuluko. Ngesikhathi kuqhubeka lo msebenzi, kutholwe ubucwebe obulinganiselwa ku-R3-million kanye nezimpahla zokugqoka, amakhadi asebhange nama-router.
Esithombeni esingenhla: iLadysmith Black Mambazo izongcwaba u-Albert Mazibuko edolobheni lasekhaya.
Umthombo wesithombe: Ladysmith Black Mambazo/Facebook
