Izikole eziyi-120 zase-KZN zivale iminyango yazo njengoba i-Covid-19 isabalala kubafundi

Lungani Zungu

Bangaphezu kwabangama-800 abafundi bezikole abatheleleke nge-Covid-19 KwaZulu-Natali, okuholele ekutheni izikole ezingaphezu kweziyi-120 zivale iminyango yazo okwesikhashana.

Izikole ezivaliwe kubalwa isikole samabanga aphezulu iMenzi, edume ngokuthola u-100% wokuphasa kwabafundi bakamatikuletsheni iminyaka ilandelana.

Abafundi baseMenzi High batshelwe ukuthi bangayi emakilasini kuleli sonto.

Umzali womfundi webanga le-12 kulesi sikole, uSihle Khumalo, uthe ngeke ayibeke engozini indodana yakhe.

“Angikwazi ukumvumela ukuthi aye esikoleni lapho ezinye izingane ezitheleleke khona nge-Covid-19. Siqalise amakilasi e-inthanethi ukusiza indodana yami ngomsebenzi wesikole”.

UNdunankulu uSihle Zikalala ukuqinisekisile ngeSonto ukuthi igagasi lesithathu selifikile esifundazweni, waphinde wanxusa izakhamizi ukuthi zihloniphe imithetho ebekiwe.

“Zingaphezu kweziyi-120 izikole ezibike ngamaqoqo ezikoleni, kanti abafundi kanye nothisha abangaphezulu kwabangama-800 bathelelekile. Abafundi benza okungenani u-95% walesi sibalo, kanti othisha benza amaphesenti amahlanu asele,” kusho uZikalala.

UNgqongqoshe wezeMfundo e-KZN, uMnu Kwazi Mshengu, uthe ukhathazekile ngokuphazamiseka kwemfundo ngenxa yegciwane le-corona.

“Siyaqhubeka nokubheka ukunyuka kwe-Covid-19 ezikoleni zethu okuthinta othisha nabafundi.

“Lokhu kuyinto ekhathazayo ngoba iyaqhubeka nokuphazamisa ukufunda nokufundisa.”

Ukuvalwa kuza ngesikhathi lapho unyaka wesikole usuvele uthikamezekile ngochungechunge lokuvalwa nokuvulwa ngenxa yalolu bhubhane.

UMshengu unxuse abazali ukuthi basebenzisane nothisha ukunqanda ukusabalala kwe-Covid-19 ezikoleni.

Lezi ngezinye zeziqondiso ezinikezwe ngumnyango wakhe:

– Khuthazani izingane ukuthi zihlale emakhaya uma zingekho esikoleni

– Sizani abafundi ngomsebenzi wabo wesikole emakhaya

– Gcinani abafundi abagulayo emakhaya

– Fundisani abafundi ngezindlela zokuvikela i-Covid-19

I-South African Democratic Teachers Union (i-Sadtu) isinxuse uhulumeni ukuthi aqinisekise ukuphepha kothisha nabafundi ezikoleni.

UNgqongqoshe WezeMpilo uDkt Joe Phaahla uthe ngeke akukhuthaze ukuthanjiswa kwemithetho yezinga lesithathu lomvalelo, yize izinga likazwelonke lokutheleleka lincipha.

UDkt Phaahla ngoMsombuluko uthe uhulumeni ucabanga ukwelula ukukhishwa kwemigomo kuzo zonke izakhamizi kusukela kuleli sonto.

Bangaphezu kwabayizi-77,440 abantu baseNingizimu Afrika asebeshonile ngenxa ye-Covid-19 kusukela ngoMsombuluko.

Izihloko zakamuva