Izihonga zelase-Afrika zithumbe uMengameli

Dylan Bettencourt

Amavukelambuso aseBurkina Faso athumbe umengameli wakuleliyazwe uRoch Kabore amgcina enkanjini yawo ngemuva kwesigameko wokuketula umbuso.

Umengameli uthathwe ngemuva kwamahora okuqhuma kwesibhamu okuqubuke ngeSonto ebusuku endaweni ahlala kuyo.

Ingxabano iqubuke ngemuva kokuthi amasosha efune ukwesekwa okwengeziwe okuvela  kuhulumeni empini yawo namasosha amaSulumane.

Uhulumeni wase-Burkina Faso nokho usichithile isiphakamiso sokuthi amasosha athathe izintambo zombuso.

Akwaziwa ukuthi umengameli oneminyaka engu-64 ubudala ukuphi njengoba imibiko ephikisanayo iqhubeka nokukhishwa emithonjeni ehlukene yezokuphepha kanye nezokuxhumana. I-Reuters iveze ukuthi ugcinwe ekhempini yamasosha.

Abahlali endaweni yase-Ouagadougou babike ngokuqhuma kwesibhamu okunamandla ebusuku bathi izimoto zikamengameli zigcwele igazi zasala zimbobombobo izinhlamvu.

Ukubulawa kwezakhamizi namasosha ngamavukelambuso ahlomile, nabanye okuthiwa bahlobene ne-Islamic State (ISIS) kanye ne-al-Qaeda, kwenze yakhula ingebhe kuleliyazwe.

Ngemuva kokuthi kugaselwe ekomkhulu leqembu lezepolitiki likaKabore ngeSonto, uhulumeni ube eseshaya isimo sewashi. Uhulumeni uphinde wamemezela ukuvalwa kwezikole izinsuku ezimbili.

I-Burkina Faso ingelinye lamazwe ampofu kakhulu aseNtshonalanga ne-Afrika. Umbutho wabo wezempi uhlukumezeke kakhulu ekulweni namaphekula amaSulumane ezinyangeni ezedlule.

Amaqembu amavukelambuso alawula izingxenye ezithile zezwe futhi aphoqa abahlali ukuthi balandele umthetho wawo oqinile wamaSulumane. 

UKabore uhole i-Burkina Faso kusukela ngo-2015 kulandela ukuvukela umbuso lapho aketula khona owayenguMengameli wezwe uBlaise Compaore.

UKabore kuthiwa ujikelwe ezakhe emva kokungazifezi izithembiso ayezenzile.

Izinxushunxushu ezikhona kuleliyazwe zingezesithathu zokuketulwa kombuso okwenziwe ngamasosha ngempumelelo  okwenzeka e-Afrika kulezi zinyanga ezingu-18 ezedlule ngemuva kwe-Mali ne-Guinea.

Ukuketulwa kombuso okwenziwa ngamasosha e-Chad nakho kwayekwa ngonyaka odlule ngenkathi uMengameli wawo, u-Idriss Deby, eshonela empini.

Umthombo wesithombe: @AlJazeera

Izihloko zakamuva