Izandla ziyagezana

Dylan Bettencourt

Isenzo esihle sokunikeza u-Erin Jackson indawo emcimbini wama-Olympics asebusika sibe nezithelo ezinhle njengoba uJackson ebe ngowesifazane wokuqala omnyama ukuzuza indondo yegolide kule midlalo.

UJackson ungene kweyokuhlungela i-Womens 500m Speed Skating njengentandokazi kodwa i-slip senza lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala angayitholi indawo e-Beijing.

Kodwa-ke uzakwabo u-Brittany Bowe akakwazanga ukubekezelela ukubona uJackson ephuthelwa imidlalo wabe eseshiya indawo yakhe wayinika uJackson futhi wamtshela ukuthi abuye nendondo yegolide e-Beijing.

Nangampela yilokho okwenziwe nguJackson, owine zonke izindondo kule midlalo.

“Ngiyethemba ukuthi lokhu kunomphumela,” kusho uJackson ngemuva kokuwina kwakhe.

“Siyethemba ukuthi sizobona abantu abambalwa, ikakhulukazi eMelika, bezama le midlalo yasebusika. Ngi

yethemba ukuthi ngizoba isibonelo esihle”.

Ukuwina kukaJackson kungokokuqala ngqa eminyakeni engu-12 selokhu kwaqala le midlalo.

“Kuyamangaza. Le ndondo isho lukhulu. Kube iminyaka embalwa enzima nesiqalo esinzima salo nyaka. Ngijabule kakhulu ngokuthi lokhu sekufikile,” usho kanje.

UJackson ubekwe endaweni yokuqala kwabesifazane abashwiba ngesivinini emhlabeni, uwine izindebe zomhlaba ezine kweziyisishiyagalombili ezedlule kulo mqhudelwano.

Uzakwabo uBowe akazange ayijabulele impumelelo efana nekaJackson. Uqede endaweni yesi-16 emqhudelwaneni ofanayo.

Izwe laseMelika linezindondo zegolide eziyisikhombisa kanye nezindondo eziyi-15 sezizonke.

I-Norway ihola phambili ngemiklomelo eyisishiyagalolunye kuze kube manje, i-Germany izithola isendaweni yesibili. IMelika isendaweni yesithathu..

Umthombo wesithombe: @NPR

Izihloko zakamuva