Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli Wezepolitiki
I-IFP iyazithintitha futhi isithola nokuhlonishwa ePhalamende.
Ukube wangitshela eminyakeni engashumi amabili edlule ukuthi i-IFP izoziguqula ibe yiqembu eliphikisayo elesabekayo nelinabalandeli abakhulayo phesheya komfula uThukela, ngabe ngakuphikisa.
Eminyakeni engamashumi amabili edlule – ngesikhathi uThabo Mbeki engumengameli – ngabhala ngembizo kamengameli eyayiSosuthu KwaNongoma lapho amasosha e-IFP ahlasela amakhulu abantu ngaphakathi kwetende le-ANC lapho okwakuhleli khona umengameli nongqongqoshe.
Lihlome ngemikhonto nezinye izikhali zendabuko, ibutho lagasela ladlula phambi kwenqwaba yamaphoyisa endawo akwaNongoma nasoLundi.
I-IFP ngaleso sikhathi, kwakwaziwa nje ukuthi amaphoyisa azoyidedela ngaphandle kokuyidubula.
Usuku lonke lwasekuseni ngalolo suku, babethusa isixuku befaka uvalo kunoma yisiphi isakhamuzi esasizothamela imbizo eyayihlelwe umengameli we-ANC esizindeni se-IFP.
Le ndawo kwakuyiSigodlo sasoSuthu okuyikhaya elikhulu leSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
Kulo nyaka ka-2024, i-IFP ibuye ngelinye igiya njengoba iziguqula futhi ithola amavoti kwezinye izifundazwe nakwezinye izinhlanga.
Okumqoka kakhulu wukuthi leli qembu lisabumbene yize umsunguli walo uMntwana uMangosuthu Buthelezi engasekho.
Iqhaza likaButhelezi njengondunankulu wesizwe samaZulu liyisebenzele kahle i-IFP, ikakhulukazi okhethweni lomasipala lwango-2021.
Iqembu le-IFP lavuseleleka ngamavoti elawathola njengoba seliphethe omasipala abaningi KwaZulu-Natal, laphinde lashaya i-ANC okhethweni lokuchibiyela ezindaweni zasemadolobheni njengaseThekwini, eMgungundlovu nase-Richards Bay.
Ngaphandle kokuchitheka kwegazi, leli qembu likwazile ukuphatha ngempumelelo udaba lokudlulisa amandla kusuka KuButhelezi kwehlela kumengameli okhona, uMnuz Velenkosini Hlabisa.
UHlabisa uphinde wahlanganisa ubumbano lweqembu ngesikhathi amanye amalungu e-IFP efuna ukuthi kube nguyena ozomela iqembu eKZN, kanti elinye iqeqebana be lifuna iMeya yesiFunda iKing Cetshwayo, uThami Ntuli.
Laba baholi bobabili baluxazulula lolu daba ngokuthi uHlabisa ajutshwe eKapa ukuba sePhalamende likazwelonke.
NjengoSihlalo we-SA Local Government Association, uNtuli unconywe ngokulwa nezigameko zakamuva zokubulawa kwamakhansela komasipala esifundazweni.
ISilo uMisuzulu siqoke uMnuz Thulasizwe Buthelezi oyiMeya ye-IFP esifundeni saseZululand njengo ndunankulu omusha kaZulu.
Kuyindima enamandla ephinde iqinisekise ukubaluleka kwe-IFP ebuholini bendabuko.
I-IFP ithola ukuhlonishwa ePhalamende futhi iyilungu eliqavile le-Multi-Party Charter for South Africa – umfelandawonye owakhiwe amaqembu aphikisayo angu-11.
Esithombeni esingenhla: Abaholi abasha bahola i-IFP ehamba ngelinye igiya okhethweni lwango-2024.
Umthombo: X
