Iyamangaza impumelelo kaHaaland

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo

Njengoba bekubonakala sengathi u-Erling Haaland ngeke abe ngumdlali oseqophelweni eliphezulu, ukhombise uhlangothi lwakhe olusha emdlalweni abaphuma kuwo.

Ngemuva kokushaya igoli lakhe lika-50 kulesizini bedlala ne-Fulham ngeSonto ntambama, uHaaland usezibhalele igama lakhe ezincwadini zomlando.

Akagcinanga ngokuba nerekhodi lamagoli amaningi atholwe ngesizini ye-Premier League, kodwa ube ngumdlali wesithathu emlandweni webhola laseNgilandi ukufinyelela kwi-half century kuyo yonke imiqhudelwano.

Isenzo sokufinyelela kumagoli angu-50 isizini yonke kwagcinakala ngabadlali abathathu ngasekupheleni konyaka wango-1920 nasekuqaleni konyaka wango-1930.

Ngesikhathi eneminyaka engu-22, uHaaland ubaziwa ngokuba ngumgadli osheshayo ophinde ashaye amagoli hhayi okunye. Kodwa-ke, emidlalweni yakamuva uHaaland ukhombisile ukuthi uyakwazi ukwenza okungaphezu kokushaya amagoli nje.

Ngesikhathi bebhekene ne-Arsenal, owase-Norway ukhombise indawo yakhe njengomgadli ozibambele mathupha egcina ibhola ezinyaweni zakhe futhi exhumanisa umdlalo nozakwabo.

Ekuqaleni kwesizini, uHaaland uthe angakuthokozela ukuthinta ibhola amahlandla amahlanu kuphela wonke umdlalo.

“Kodwa ukube uthe angakujabulela ukushaya amagoli amahlanu.”

UHaaland useshaye amagoli angu-34 emidlalweni engu-30 ye-Premier League, amagoli angu-12 emidlalweni eyisishiyagalombili ye-Uefa Champions League, amagoli amathathu emidlalweni emithathu ye-FA Cup negoli elilodwa ku-Carabao Cup okwenza kufinyelele kumagoli angu-50 emidlalweni engu-44.

UHaaland ubeyingozi kakhulu ebhokisini, kodwa amandla akhe akhombisa ubungozi bakhe kubavikeli bebhola. 

Kumuntu ogxile ekushayeni amagoli kuphela, uHaaland uzitholele abasizi abayisishiyagalombili kule sizini nabayisikhombisa ku-Premier League.

Uhambo lukaHaaland lokuba ngumgadli webhola lomhlaba lwenzeke ngokushesha okukhulu futhi lumenza abe ngomunye wabadlali abayingozi kakhulu ebholeni lomhlaba.

Isikhathi eside sesizini, bekubonakala sengathi uHaaland uyimbangela yefomu engeyinhle ye-City.

Lokhu kungenxa yokungakwazi kwakhe ukuhlanganyela ekuhlaseleni nokuvumela i-City ukuthi ihlale inomfutho uma iya phambili.

Kuze kwaba nemibiko yobudlelwano obulimele phakathi komphathi uPep Guardiola noHaaland ngesitayela sebhola alidlalayo.

Kodwa kubonakala sengathi kuphumelele asazi kanjani futhi uHaaland njengamanje usesele negoli elilodwa kuphela ekutheni abambe irekhodi lokushaya amagoli amaningi ngesizini ye-Premier League.

Futhi ungakhohlwa ukuthi lena isizini yakhe yokuqala kwiligi ephezulu emhlabeni.

Isithombe esingenhla: U-Erling Haaland

Umthombo wesithombe: U-Erling Haaland Twitter

Izihloko zakamuva