Isosha lifele emsebenzini walo

Lungani Zungu

UMengameli wase-Chad, u-Idriss Deby, ongomunye wamadoda okugcina anamandla asele e-Afrika, useshonile.

Umbusi wezwe eliphakathi nenyakatho ne-Afrika ubesethole elinye ihlandla lokuba ngumengameli ngemuva kokuphatha iminyaka engama-31.

Leli sosha elineminyaka engama-68 ubudala belihlushwa ukulimala okwenzeka phambilini ngesikhathi bevakashele amasosha abevaleleke empini namavukelambuso enyakatho yezwe ngoMsombuluko.

Indodana kaDeby, uMahamat Deby Itno, uqokwe njengomengameli wesikhashana ngumkhandlu wamasosha.

Eneminyaka engama-37, uDeby Itno uzoba umphathi wezwe omncane kunabo bonke e-Afrika.

U-Idriss Deby ubeyisosha eliqeqeshiwe futhi elijwayelekile nelisatshwayo. Wenyukela emandleni kulandela ukuchitheka kwegazi okwathatha isikhathi eside ngowe-1991.

Umholi we-Patriotic Salvation Movement ubese sinde ochungechungeni lwemizamo yokuvukela umbuso.

Umthethosisekelo wachitshiyelwa ngonyaka we-2018, umvumela ukuba ahole kuze kube ngowe-2033. Lokhu kuthukuthelise abantu bendawo abaningi kanye nomphakathi wamazwe omhlaba.

Uhulumeni umemezele ngoMsombuluko ukuthi uDeby uthole amavoti angama-79,3% okhethweni olusanda kwenziwa kodwa akuzange kuthathe isikhathi eside ukuthi izinsolo zokutshontshwa kwamavoti ziqale ukuzungeza ezinkundleni zokuxhumana.

Abaningi baphinde basola uDeby ngokuqinisa isandla emaqenjini aphikisayo ngesikhathi sokhetho kulo msebenzi wakhe.

Ngemuva kokuwina ukhetho lwalo nyaka, uDeby ubambezele inkulumo yakhe yokunqoba kubasekeli futhi esikhundleni salokho uvakashele amasosha ase-Chadian, okuvele kwaba yisinqumo esibi.

Yize ukufa kwakhe kuzodala inkinga yobuholi, okhulumela umbutho uJenene Azem Bermandoa Agouna uthembise ushintsho olunokuthula.

Imininingwane yomngcwabo wakhe isazomenyezelwa.

Izihloko zakamuva