Isoka lilunywe indlebe intombi

Owesifazane wase-Nairobi ulume isithandwa sakhe indlebe ngemuva kokuthi singamniki imali eyanele yokugibela itekisi eya ekhaya.

UZainabu Ochero ubekwe icala lokulimaza uJoseph Karanja ngoLwesibili.

Lesi sigameko senzeke ngesikhathi ephuma ngesamagundane ngemuva kokuthi isoka lakhe limsole ngokuthandana nenye indoda.

Kusolakala ukuthi umlume indlebe endaweni yokucima ukoma lapho ababephuzela khona ngezithuba zabo-02:00 ngomhlaka-21 kuNhlolanja.

Kubikwa ukuthi u-Ochero ujoyine uKaranja endaweni yokucima ukoma ngemuva kokuba amshayele ucingo ukuba amhlangabeze khona. Kodwa kusheshe kwaqubuka ingxabano ngemuva kokuthi emsole ngokumkhohlisa.

U-Ochero uye wacela uKaranja ukuthi aqashe itekisi ye-bodaboda ukuze imyise ekhaya kodwa wamnika osheleni abayikhulu kuphela, ingxenye encane yemali yokugibela.

Ngokusho kwamaphoyisa, yilapho acasuke khona wamluma indlebe.

U-Ochero utshele amaphoyisa ukuthi ubedakwe kakhulu futhi ukhumbula nje evuka esiteshini samaphoyisa kamuva ngalolo suku.

UKaranja uthathe indlebe yakhe waya nayo esibhedlela kodwa imizamo yakhe yokuyithunga ayiphumelelanga ngemuva kokuthi odokotela behluleke ukumhlinza.

U-Ochero udedelwe ngebheyili ka-R300,000. Icala lizolalelwa ngomhlaka-16 kuNdasa.

Izihloko zakamuva