Isizwe samaPedi silinde unkosikazi wekhethelo ukuba azale indlalifa

Judas Sekwela

Kungenzeka ukuthi isizwe samaPedi sidinge ukulinda iminyaka ngaphambi kokuba sibe neNkosi.

Lokho kungenxa yokuthi akekho noyedwa ezinganeni ezine zeNkosi uVictor Thulare ongasekho eyazalwa yinkosikazi yekhethelo, okungowesifazane okhethwe yisizwe futhi oganiselwe ebukhosini ngenhloso yokuzala umntwana wesilisa. 

INdlovukazi uManyaku Thulare uqokwe njengomholi wesikhashana wesizwe samaPedi e-Sekhukhune, e-Limpopo.

Ukuqokwa kweNdlovukazi kuza ngemuva kwezingxoxo eziningi, imihlangano kanye nokuvumelana phakathi kwabadala ngemuva kokukhothama kweNkosi uVictor Thulare III ezinyangeni ezimbili ezedlule.

Wayeyindodana yeNdlovukazi uManyaku.

Okhulumela umndeni wasebukhosini uNtoampe Mampuru uthe, isizwe sizofuna unkosikazi wekhethelo e-Lesotho ozofika azale iNkosi yesizwe.

UMampuru uthe, ukuqokwa kweNdlovukazi uManyaku kubaluleke kakhulu ngoba kuzosiza isizwe ukuthi sidlule kulesi sikhathi esinzima sokuzila.

“Ukuqokwa kweNdlovukazi kwenzeka ngesikhathi lapho iNingizimu Afrika iqhubeka nokwazisa kanye nokuqhubekisela phambili amalungelo abesifazane ezikhundleni ezinamandla kanye nezobuholi kuyo yonke imikhakha yomphakathi, kubalwa nobuholi bendabuko.”

UMampuru utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi, ukuqokwa kwendlovukazi uManyaku kuqeda konke ukwesaba okumayelana nenqubo yokuqokwa kwabantu ngemuva kwempikiswano enzima futhi ethathe isikhathi eside eyadala ingxabano yezomthetho esihlalweni sobukhosi samaPedi. 

UMampuru wengeze ngokuthi indlovukazi uManyaku ave ibakhonzile abantu besizwe samaPedi futhi uyaqhubeka nokuqinisekisa ukuthi izidingo zabo zihamba phambili njalo.

“INkosi engasekho ibihlonishwa kakhulu ngenxa yothando lwayo kanye nobuholi obuhle. INdlovukazi uManyaku uhlale ehlonishwa kakhulu ngokufundisa iNkosi ukuthanda abantu bayo,” kusho uMampuru. 

Izihloko zakamuva