Isiteleka samatekisi eKapa sifaka amabhizinisi amancane obishini

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Inkampani i-Amaqobelo Bakery ingelinye lamakhulu amabhizinisi asengcupheni yokukhungatheka eKapa njengoba kuqhubeka isiteleka samatekisi esinodlame kuleli dolobha.

Isiteleka esiqhubekayo eKapa silimaza kakhulu amabhizinisi adonsa kanzima ngenxa yokulahlekelwa kakhulu ngokwezimali.

UThembile Ngcwala umnikazi webhizinisi Amaqobelo Bakery uthe bayakhungatheka njengoba bebhekene nemiphumela yokuphazamiseka kwezinhlelo zokuthutha.

“Benginama-scones nama-muffin abelungele amakhasimende ami, kodwa awakwazanga ukufinyelela kuwo njengoba izimoto zikhandwa ngamatshe futhi zishiswa okwenza ngingakwazi ukuhambisa ama-oda. Ngisele no-R5 000 wesitoko esingadayiswanga,” kusho uNgcwala.

“Ngizamile ukuwadayisa onke ngenani elinguhhafu ukuze ngigweme ukuwalahla.

Ekugcineni, kwadingeka ngiphisane ngamanye mahhala.”

UNgcwala unethimba labasebenzi abangu-11 abathembele kuyena ukuthi bahole ekupheleni kwenyanga. “Kufanele ngicabangele abasebenzi bami; ukuphisana ngamakhekhe kungibuyisele emuva kakhulu,” kusho yena.

“Siyadayisa naserenki yamatekisi, kodwa asikwazanga ukwenza lokho ngoba amatekisi awasebenzi.”

Ngeshwa, njengeMaqobelo Bakery, amanye amabhizinisi nawo awakwazanga ukusebenza njengokujwayelekile erenki yamatekisi. ULoyiso Basso ongumnikazi wendawo yesitolo sokudla okusheshayo iKwaMgoli, eKhayelitsha uzwakalise ukuphatheka kabi kwakhe.

“Amakhasimende angaphezu kuka-20 angaphandle kwendawo yethu afaka ama-oda kodwa awakwazanga ukungena. Kuyadumaza ukuthi siyahlukumezeka futhi kubonakala sengathi alukho usizo olukhona njengoba sibhekana nezindleko zokulahlekelwa sodwa. Kumele sizibonele thina ukuthi senza kanjani,” usho kanje.

“Siyakuqonda ukudinwa kwabanikazi bamatekisi, kodwa siyabanxusa ukuthi bafinyelele esivumelwaneni ukuze izinto zibuyele kwesijwayelekile. Njengoba izinga eliphezulu labantu abangasebenzi ezweni seliyinkinga enkulu, ngeke sikwazi ukulahlekelwa imisebenzi ngenxa yobunzima bezokuthutha.”

Umthelela wesiteleka samatekisi uthinta nabadayisi basemgwaqeni.

Owesifazane othembele emalini ayithola nsuku zonke ukuze ondle umndeni wakhe uthe uyesaba. “Ngiyakuzonda ukuthwalisa kanzima abantu kodwa uma isiteleka samatekisi siqhubeka ayikho into engizoyenza kuzomele ngicele ukudla komakhelwane,” kusho yena.

Njengoba osomabhizinisi baseKapa beqhubeka nokuhlukumezeka, wonke amehlo athe njo kuziphathimandla nezinhlaka ezitelekile ukuze kutholwe isisombululo.

Esithombeni esingenhla: Umnikazi webhizinisi Amaqobelo Bakery kudingeke ukuthi adayise isitoko sakhe ngohhafu wenani ngaphambi kokuphisana ngesinye saso kulandela isiteleka esinodlame samatekisi esiqale ngoLwesine eKapa.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva