Isimanga umprofethi ebiza uR3 million ngokuhlola 

Lubhalwe ngu-Emily Mgidi

UDkt Tebogo Makena odume ngelika-“Oracle Under The Sun” ungundabamlonyeni ngezindleko zakhe zika-R3 million zokuhlola.

Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa, uMakena uchaze ukuthi akasona isangoma kodwa ungumprofethi.

UMakena odabuka e-Mamelodi West manje osehlala endaweni edumile i-Waterfall Estate, e-Midrand ufuna ukukubeka kucace ukuthi uzimele.

Waziwa kusukela eneminyaka emihlanu ubudala ukuthi unesiphiwo sokwelapha futhi manje ubiza imali eshisiwe ngesipho sakhe.

Abantu ezinkundleni zokuxhumana bamgxekile uMakena ngemali emba eqolo kodwa yena akanandaba. Ngokusho kwakhe uthi amakhasimende akhe ahlanganisa abantu abasezingeni eliphezulu abakwaziyo ukukhokhela umsebenzi wakhe.

Khohlwa ngezindumba zesintu lapho izangoma ezihlolela khona amakhasimende azo. UMakena uthanda ukunethezeka emahhotela esazingeni eliphezulu nasemagumbini okubamba imihlangano. UMakena uphinde akunikeze ikhofi phakathi nokuhlolwa kwakho.

Uhlu lwamanani kaMakena luyamangaza njengemisebenzi yakhe. Ukugezwa emfuleni kubiza u-R75,000, ukuqinisa ubudlelwano kubiza u-R250,000, izibopho zomshado zibiza u-R550,000 kanti uma ufuna ukukhulisa ibhizinisi zilungiselele ukukhipha isigidi. Kodwa ungakhathazeki konke lokhu kuqhutshwa yimimoya axhumana nayo – usho kanjalo.

Ngokungafani nabelaphi bendabuko abaningi uMakena uyaziqhenya futhi uthi akakaze athwasiswe. Usho ngesibindi ukuthi angakwazi ukungena kunoma yimuphi umfula ngisho naleyo engathusa abantu abathwasile futhi engabuya ephephile. Ukuzethemba lokho!

Nakuba uMakena engase asize abantu abavela emhlabeni wonke unemakethe ethile asebenza ngayo: usebenza ngabacebile kuphela. Futhi kulabo abasafuna ubizo lwabo ubeluleka ngokuthi babeke ithemba kuNkulunkulu hhayi kubantu ngoba nguyena kuphela oqondisa indlela.

I-Scrolla.Africa sihlangane nelinye lamakhasimende kaMakena, uNonhle Mkhwanazi waseThekwini.

Ilukuluku elimenze wafuna uMakena futhi uye wahlolwa ku-inthanethi.

Okumangazayo ukuthi lokho akuzange kumudle kakhulu ephaketheni– wakhokha u-R15,000 kuphela.

Uchaze uMakena njengendoda enobungani nesiphiwo futhi uye wahlabeka umxhwele ngekhono lakhe lokuveza izinto ezazizokwaziwa ngunina ongasekho kuphela.

Usabhekene nenkinga yakhe kodwa uhlele ukuphinde athinte uMakena uma ethola isikhathi.

Esithombeni esingenhla: UDkt Tebogo Makena

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva